KUHLE ukuthatha iholidi phakathi nonyaka, uvakashele endaweni ehlukile kunale ohlala kuyona ukuze uvuseleleke, ubuyelwe ukuzethemba, nokuthola isikhathi sokuqhamuka namasu amasha okubhekana nempilo.
Uma uhlela iholidi elibheke kwaNdongaziyaduma kodwa ubungakabi naso isiqiniseko ngehhotela ofisa ukulivakashela, khetha iMaslow Time Square esePitoli.
Leli hhotela lifanele abantu abazaziyo izinto ezinhle, abafuna ukusondelana nedolobha babe seduze nezitolo, izindawo zobumnandi kanjalo nezinsiza zokuthutha.
IMaslow Time Square ingaphansi kwesikhondlakhondla iSun International, futhi isendaweni enhle njengoba inenxanxathela yezitolo iMenlyn Mall.
Phakathi kukhona i-casino, izindawo zokudlela namajoyinti asezingeni nokuyizinto ezifanele abathanda ukuzama inhlanhla, ukungcebeleka nokudla okumnandi okuzinhlobonhlobo.
Leli yihhotel lokuqala ePitoli ukuthola amazinga amathathu ahlukene esakhiweni esisodwa.
UMnuz Lesego Kitsa ongumphathi obhekele ihhovisi langaphambili, ukuhlanzisiswa kwamagumbi, ezokuphepha nokuqapha abasebenzi abasiza izivakashi kuleli hhotela uthe izinguquko ezintsha zivumela izivakashi ukuthi zilungise indawo yazo yokuhlala ukuze ihambisane nezidingo zazo kanye namaphakethe azo.
Igumbi lokuqala elisesigabeni sezinkanyeni ezintathu lingu-24m² linombhede omkhulu, itafula lokusebenzela neshawa. Leli yigumbi elihle kumuntu ohambele kuleli dolobha ngomsebenzi noma ozochitha isikhathi ebuka izindawo abuye esezolala.
Igumbi lesibili elisesigabeni sezinkanyezi ezine lingu-27m2 ubukhulu nombhede oyi-king, itafula lokusebenzela, umshini wekhofi negumbi lokugezela elinseshawa.
Igumbi lokugcina elisesigabeni sezinkanyezi ezinhlanu lingu- 36m², lona lihluke ngokuthi kuneshawa nobhavu okuhlukanisiwe egumbini lokugezela.
Wonke la magumbi ahlotshiwe kahle ngefenisha yesimanje.
“Nakuba ihhotela lethu lihlangabezana nazo zonke izidingo zezivakashi, kodwa labo ababhukha e-Zenith Level, baba senhlanhleni yokuthola isidlo sasekusenie-lounge yethu yekhethelo i-12th floor Luminary Lounge ekubonisa ubunjalo bedolobha nhlangothi zonke, kunendawo yokubhukuda futhi nelanga ulibona kahle uma seliyozilahla kunina,” kusho uKitsa osesebenze kuleli hhotela iminyaka emine.
Okuhle ngaleli hhotela ukuthi ungafika uzongcebeleka nesithandwa sakho nichithe usuku lapha bese nibuyela ekhaya uma ningadingi ukulala. Kwabakhulile ngeminyaka, bangakujabulela ukwazi ukuthi bathola izaphulelo ezinhle zezaguga.