KUNOMLANDO ojulile otholakala ezifundazweni ezehlukene zaseNingizimu Afrika.
Phakathi komlando wezwe kubalwa owezilwane zasendle, imidlalo yasolwandle nokunye kepha lokhu okwaziwa yiwo wonke umuntu. Yingakho kujwayelekile ukuthi abantu bavakashele izindawo zizodwa ngoba bengenalo ulwazi ngomlando.
IBuffalo City ese-East London, ngaphansi kwesifundazwe i-Eastern Cape, ngenye yezindawo eziqukethe umlando ocebile ngamaqhawe epolitiki, imvelaphi yezilwane namasiko ahlukene.
Phakathi kwezindawo ezikhona kubalwa ezokungcebeleka noma nizikhiphile ngamaholidi okubalwa i-Olivewood Private Estate & Golf Club, Crawsford, nezinye eziningi ezigudle ulwandle lwase-East London. Kunezakhiwo ezindala eziqukethe umlando futhi ezisagcinwe njengengxenye yedolobha kanti nokunakekelwa kwazo kubukeka kusezingeni eliphezulu.
Okuqaphelekayo yizindawo ezihlelwe kahle zokukhempa lapho ohehwa ngamatende agxunywe emahlathini, aseziqiwi ezigcine izilwane zasendle. Ngenye yezindlela zokuphumula nokungcebeleka ezikhuthazwa ongoti bezengqondo. Ukukhempa ezihoqweni ezingamakamu okungcebeleka, nokugcinwa kwemvelo kuyasiza ekutheni umuntu akhulule ingqondo futhi ashawe wumoya opholile wasendle.
Kunemidlalo ehlukene ongayithakasela ngaphakathi emahlathini aseziqiwini nasemfuleni.
Iquad biking lapho kugitshelwa izimoto ezincane ezifana nezikuta, kujikelwe amagquma namahlathi ngeminye yemidlalo ephambili. Kukhona nezipline okuyintambo ohamba ngayo undiz emoyeni neminye imidlalo eminingi.
Izindawo eziningi esifundazweni zibhekelele nodado ngoba kukhona ezokungcebeleka ezigudle ulwandle, ezingabathokozisa ngamaholidi. Ngokusho kweziphathimandla zedolobha, le ndawo izovulwa maduze ukuqinisekisa ukuthi nezivakashi zamanye amazwe ziyifica isisebenza.
Steve Biko Centre
-Le ndawo iqukethe umlando ongeqhawe elinguSteve Biko, kusukela empilweni ngesikhathi somzabalazo, ukuboshwa kwakhe nokuhlukumezeka ejele. Kukhona nezinto ezilondolozwe njengegugu okubalwa usofa ayehlala kuwo, owanikelwa umndeni. Itshe lethuna lakhe ligcinwe ngaphakathi kule ndawo njengoba sekwafakwa elisha elisezingeni amaqhawe akuleli.
Amathole Museum
-Ikuthatha ikubeke ngomlando wezakhamizi zase-Eastern Cape, ezaholelwa ophathe ngamaNgisi ngesikhathi sobandlululo ethi azibulale yonke imfuyo. Lokhu kwakha uqhekeko phakathi kwezakhamizi ngoba kukhona ezazishaya amakhala ngalento.
Inkwenkwezi Game Reserve
-Imvelo ngenye yezinto ezenza isifundazwe sibaluleke ngoba kunezilwane zasendle eziyivela kancane kwezinye izifundazwe. Ezinye izilwane eziyingxenye yeBig Five, ziyatholakala kulesi siqiwi futhi sikakwe yizilwane zasendle. Izihlahla ezingasatholakali kwezinye izindawo zikhona esiqiwini.