EBUSIKA izindawo ezifana neSouth Coast zinhle kakhulu ezivakashini ezisaba amakhaza ngoba kuhlezi kufudumele, amakhaza bawezwa ngendaba abavakashela eWild Coast Sun.
Yini oyithanda kakhulu uma uya eholidini? Kungabe yindawo ezokwamukela izingane zakho ngobuningi bazo futhi izigcine zithokozile? Yikhosomba lakho nesithandwa sakho lapho nizocasha khona nivuselele uthando lwenu? Noma yindawo enizohlangana kuyo nabangani bakho nizame inhlanhla yokwenza imali esheshayo?
Khululeka, konke lokhu engikubalile, uzokuthola eWild Coast Sun.
Ikhefu laphakathi nonyaka libalulekile, nciphisa ukukhathazeka ngesiphithiphithi somndeni nomsebenzi, uhlele kabusha izinto zakho ngoba nezimo zempilo ziyaguquka @TheWildCoastSun pic.twitter.com/AZGIJAMctf
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) July 13, 2023
Le ndawo iseNingizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal, kuthatha isikhathi esingaphansi kwamahora amathathu uma usuka eThekwini. Umuntu oke wavakashela ePort Edward uyazi ukuthi uba nohambo olumnandi ngoba ugudla ulwandle uze uyofika lapho oya khona. Uwela ibhuloho elikhulu lomfula uMthavuna uqale uMasipala iWinnie Madikizela Mandela, eBizana lapho-ke usuyangena kule ndawo.
Esangweni, wamukelwa wumbhalo omkhulu okutshelayo ukuthi usufikile. Lokhu kukodwa kukwenza uzwe ukuthi usufike ezweni elihlukile. Usungaqala ulungise isiXhosa ukuze ungasali kakhulu uma kubingelelwa, phela yizwe la mabhenanyawo leli futhi iNingizimu Afrika inezilimi ezingu12 ezisemthethweni, yisho kugcwale umlomo ukuthi molweni uma uhlangabezana nonogada esangweni.
Phela yibona abayisihluthulelo sokungena kule ndawo, uma ujabulisa bona, uzojabula uze ubuye eholodini lakho.
Njengamanje kunokubambezeleka okuncane emgwaqweni ngenxa yokulungiswa kweN2 kodwa lokho akuphazamisi nakancane abantu abathakasele iholidi lekhethelo.
Ngizokwenzani uma ngifika eWild Coast Sun?
Wonke umuntu ohlela iholidi usuke emelwe wukuphendula lo mbuzo ngendawo afisa ukuyivakashela. Wena mfundi weSolezwe ungakhululeka ngoba sikuthatha sikubeke ngamehlo engqondo ngongakwenza uma uhamba nesithandwa, nomndeni noma nabangani.
Kwabathandanayo - nginganeluleka ngokubekisa igumbi elibheke olwandle elinesithabatha sombhede oyi-king. Njengoba nizongcebeleka kumele kucace ukuthi nizithokozise ngokuphelele.
Leli gumbi linobhavu omkhulu omi wodwa omhlophe qwa, ishawa, ithoyilethi nesibuko esikhulu kwabathanda ukuziphaqula.
Ama-wordrobe anayo i-safe, yokubeka izinto ezifana nezikhwama zemali, ubucwebe nesibhamu kwabahlezi behlomile. YiTV, itafula letiye elinezinto zakhona, izinkomishi kanjalo nomncanyana wesiqandisi sokufaka amanandinandi, konke lokhu ngamahlala khona.
Kukhona-ke engikuthandayo ngamahhotela angaphansi kweSun International ngamathelevishini awo anamashaneli akubonisa ngqo le ndawo oyivakashele, yizinto ongazenza khona nokuthi yini okumele uyenze uma ufuna usizo.
Kuhle lokhu ngoba asikho isidingo sokuhambe ubuza wonke umuntu ohlangana naye sengathi uyimpatha.
Ningaphuma nodali wakho egumbini lenu lokulala nithathe uhambo nibone indawo. Kunocengece lwe-swimming pool olukhanya lube luhlaza ebusuku uma kumnyama, kugqama yona yodwa, ulwandle uluzwa ngemvunge nokuduma kwalo ngoba kusuke kumnyama.
Kunendawo yokudlela evula ngo-6 ebusuku uma nifuna ukudla kwakusihlwa, usine uzibethele ngezibiliboco ngoba itafula lisuke lidekiwe udla uze uthi tshiyotshiyo.
Eduze kwendawo yokudlela kuneSpa, yebo dali, iSpa lapho ozithoba khona umzimba. Ningaqala ngokuwotawota umzimba wonke nobabili egumbini elilodwa.
Ngaphambi kokuziwotawota, kuhle niqale eCasino niyozama inhlanhla emishinini yemali. Mhlawumbe ungaphuma ungusozigidi.
Uma uhamba nomndeni noma nabangani, ikhona indawo engumaqoqazonke, iWild Water Park. Lapha kufuneka abantu abathanda imidlalo yamanzi futhi abangenalo uvalo.
Iyona ndawo okumele uyivakashele ebusika, amakhaza uwezwa ngendaba, indlela okumnandi ngayo ubona sekuhwalala ukuthi isikhathi siyahamba. Wake wavakasha @TheWildCoastSun? Ngithumele izithombe @IsolezweNews pic.twitter.com/gxn3DKgNvp
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) July 13, 2023
Anginithusi, kodwa kukhona le nkanyamba enkulu ebomvu, idinga ube nesibindi ngempela ngaphambi kokushununuza kuyo. Uthuka umemeze kushe izwi, ubone sengathi inhliziyo izophuma ngomlomo. Wubumnandi obusabisayo kodwa uma ungumuntu, uyidinga ukwenza into eyodwa empilweni yakho ezoba yisikhumbuzo safuthi.
Yizame ungakadli ngoba sizobona izibiliboco zikulandela ngemuva usubhabha emoyweni.
Lapha-ke kunezindawo eziningi zokudla neyokucima ukoma kulabo abathanda ukushibiza, phela vele iholidi lenzelwe ukuphumula nokuzijabulisa. Yidla konke okuthandayo, wehlise ngeziphuzo ezibandayo ezididiyelwe yizazi ezihlanganisa okumnandi kodwa.
Zikhona nezithuthuthu ezihamba emahlathini eningazithokozela nezingane, okuhle ngazo wukuthi yimishini ezishintshayo, awudingi ukuba wumshayeli wakudala ukugxuma uhlale kuzona.
IWild Coast Sun ifuna wena, osukhathele wukwenza into eyodwa mihla namalanga ungalitholi ithuba lokuzijabulisa. Nawe ophethe imali kodwa ongazi ukuthi uzokwenzani ngosuku lwakho lwekhethelo.
Landela Isolezwe kuzo zonke izinkundla zokuxhumana ufunde ingosi yezokuvakasha noNonkululeko Nhlapo, khumbula ukungithumela i-imeyili ku[email protected] uma ufuna ukungimema noma ukungitshela ngendawo yakho yobumnandi eheha izivakashi.