IZINDAWO eziningi ezigudle ulwandle zivamise ukuba yintandokazi ezivakashini kodwa iningi lazo lezi zindawo azinazo izilwane nokwenza idolobha laseRichards Bay lehluke. Muva nje iRichards Bay ibukeka ingezinye zezindawo ezihamba phambili ezivakashini futhi ethuthuka ngamandla kwezomnotho.
Ulwandle noma kungenye yezinto eziheha kakhulu abantu kuleli dolobha kodwa ukwakhela izindawo ezifana noSomopho Hills, Thula Thula Game Reserve kwenza leli dolobha lehluke emadolobheni agabe ngolwandle.
Lokhu kusho ukuthi izikavashi ziyakwazi ukuthola izinto eziningi ngesikhathi, okubalwa izilwane zasendle, imidlalo yasehlathini, ezokungcebeleka olwandle kanjalo neziphakathi ezenziwa enkabeni yedolobha.
IMeya yaseMhlathuze uMnuz Xolani Ngwezi uveze ukuthi ezokuvakasha zinengxenye enkulu eziyifaka emnothweni wakuleli dolobha nokwenza bazinakekele nezindawo abanazo.
"Idolobha lethu linamathuba amaningi okudlondlobala okudlula lokhu esesifinyelele kukhona. Kuningi osekwenziwe kule minyaka edlule kodwa kuningi nokusha esisangakwenza nesifisa ukukhula kukhona kwezokuvakasha.
“UMhlathuze ukhula ngamandla kwezokuvakasha. Nyakenye ngoDisemba saphelelwa yizindawo zokulala ngenxa yokugcwala. Uma idolobha lethu lenza kahle kwezokuvakasha kusho nokukhula komnotho eRichards Bay neKing Cetshwayo," kusho uNgwezi.
Thula Thula Game Reserve
- Kule ndawo kutholakala cishe zonke izilwane ezingaphansi kweBig Five ngaphandle kwebhubesi nokuyenza ibe ngezinye zeziqiwi ezinkulu KwaZulu-Natal. Lesi siqiwi sinezilwane zasendle, emanzini kanjalo nezasendlini okubalwa izinja.
Phakathi kwezilwane ezikhona kubalwa izindlovu, izindlulamithi, amadube, izinyamazane, obhejane, izimvubu, izimpisi kanjalo nezinyoni ezahlukene ezibalelwa ngaphezulu kuka-300. Kukhona nezimoto zokungcebeleka ngaphakathi esiqiwini kanjalo nongoti bezilwane abakuthatha bakubeke ngomlando wazo nomsebenzi eziwenzayo ngokuba kulesi siqiwi.
Izihlahla ezinemisebenzi eyahlukene neseziyimvela kancane zisagciniwe kulesi siqiwi ukuqinisekisa ukuthi azipheli emhlabeni. Lezi zihlahla kusengezemvelo njengoba iningi lazo zingatshalwa ngomanyolo, zizimilela nokwenza zinakekelwe. Yize isihlava sokuhlaselwa nokwebiwa kobhejane sidlangile eNingizimu Afrika kodwa lesi siqiwi sinabaqaphi ababhekelele obhejane ukuqinisekisa ukuthi abaphenduki isisulu sezinswelaboya. Uma ungathandi ukubuka izilwane zikhona nezindawo zokuhlala ungcebeleke ngaphakathi.
Somopho Hills
- Lena ngenye yezindawo eziphambili netholakala ngaphandle kwasedolobheni laseMpangeni. ISomopho Hills igabe ngohlobo lwemidlalo ehlala ikhuthazwa nawongoti bengqondo nezempilo. Iningi lale midlalo yenziwa ezintabeni, emahlathini nangaphandle kwezindlu, nokwenza ingqondo yomuntu isabalale. Phakathi kwayo kubalwa i-paintball lapho kusuke kudlalwa ngezibhamu ezingamathoyizi kudutshulwana ngopende abanemibala eyahlukene.
Akugcini lapho kunemizila eyahlukene yokuqwala neminye yemidlalo esigqame kakhulu kwabathanda ukuvakashela izindawo ezisemakhaya. Kukhona nama-quad bike nokungezinye zezinto esezikhonzwe yizivakashi kulezi zinsuku. Kulabo abathanda ukulala ezintabeni kukhona nanendawo enamatende yokulala. Le ndawo ibukeka iphephile.
Ngaphandle kwalezi zindawo ezingaphandle kukhona nezigudle ichweba laseRichards Bay okubalwa amahhotela aphambili, izindawo zobumnandi nezokudla ezinkulu. Kulezi zindawo uthi uhleli ububona nemikhumbi iphuma ingena echwebeni. Akugcini lapho kunanezikebhe zokuntweza ukuze ukwazi ukubonela eduze konke okusemanzini.