ISASASA lokugqokwa kwemisiko yesintu lenza ukuthi izimpahla ebezibukelwa phansi, njengezabantu abangazi lutho ngengqephu, zihambe phambili. Ibuye ngezinkani imisiko yesintu kwezemfashini, kusukela emisikweni yezishweshwe ebekwaziwa ukuthi igqokwa ngomama abaganile emakhaya.
Muva nje, zingenisile izimbadada ezigqokwa kakhulu ngabantu abashaya indlamu, noma abavunule nbezihlalele emakhaya. Phambilini bekunenkolelo yokuthi izimbadada zigqokwa ngamabhinca kuthiwa yingoba awasazi isitayela. Kepha ongoti kwezemfashini bazifaka zangena zathi khaxa, nokwenza wonke umuntu azihalela.
Muva nje ibhungu laseThekwini, kodwa eselizinze eGoli, uThulani Zulu weSpillion Arts, uqhamuke nesu lokuhlobisa izimbadada ngopende abanemibala ekhangayo. Lokho kwenza wonke umuntu akwazi ukuzigqoka kusukela kwabadala kuya kodado.
UZulu uthi ukungenisa kwezobuciko nokusabalala kwemicabango yabantu ngezengqephu, kube nomthelela ekutheni abantu babone ubuhle bemisiko yesintu.
"Ngesikhathi sifundela ezobuciko esikoleni beyihluke kakhulu into ebesiyifunda ngemisebenzi yezandla nokudizayina izinto nendlela esesenza ngayo manje. Kuningi okwenza izimbadada zithandeke futhi zingezinye zezimpahla ezingasoze zabuna nezingakashintshi. Engikwenzile ukuzenza zibe sezingeni lokuthi ukwazi ukuswenka ngazo noma ngabe uthatha izindlela ezahlukene," kusho uZulu.
Uqhube wathi nengane ngeke ingaswenka ngalolu hlobo lwezimbadada ngoba ziyingxenye yemisiko yesintu futhi kumele umuntu omncane ajwayele ukuyigqoka. Ongoti bezemfashini bathi kubalulekile ukuqhakambisa imisiko yesintu ngoba namanye amazwe kumele azi kabanzi ngamasiko ahlukene aseNingizimu Afrika. Izimbadada ziyatholakala esitolo ngezobuchwepheshe iSpillion Arts.
Deep caption
IZIMBADADA zingenisa ngemibala egqamile nezitayela ezintsha ezizokwenza ukuthi umuntu akwazi ukuzigqoka ngezitayela zemisiko eyahlukene. Nodado bashaya ngezitayela zabo ezihehayo Izithombe: SPILLION ARTS