IHAMBELA phezulu intokazi yaKwaMhlabuyalingana, endaweni yaseThandisizwe, u-Asande Mabika, emuva kokuhlabana ngomklomelo kaMiss Teen Tourism World Personality emcimbini obusePagsenjan Town Plaza, eLaguna, ePhillipines ngoMgqibelo.
Nakuba engasitholanga isicoco sikaMiss Teen Tourism World, njengoba sithathwe wuCalista Amaonting waseGhana kodwa u-Asande uthe ukujabulele ukuqhakambisa igama laseNingizimu Afrika phesheya kwezilwandle.
U-Asande (17), ofunda uGrade 12 eStar of the Sea High, wathola le ngqayizivele yethuba emuva kokuqwaqwada izimomondiya zakuleli emqhudelwaneni ofanayo. Uthe akakholwanga ngesikhathi kumenyezwa igama leNingizimu Afrika esteji esigabeni sikaMiss Personality.
"Yebo kungiphathe kabi ukuthi angikwazanga ukuza nomqhele eNingizimu Afrika kodwa ngiyaziqhenya kakhulu ngokuqhudelana nezinye izintokazi ezingeni lomhlaba okokuqala ngqa. Izolo (esho ngeSonto esePhillipines) bengithukile okwangempela kodwa kuthe uma kufika isikhathi somncintiswano, ehla amaphaphu. Ngazitshela ukuthi angenze engikuzele lapha."
Uthe lo mqhudelwano umfakele umdlandla wamnikeza ugqozi nofuqufuqu lokuthi angabe esabheka emuva uma kukhulunywa ngomkhakha wezokukhangisa ngengqephu.
Echaza ngokungena kulo mkhakha, u-Asande uthe ukhule ekhangisa ngengqephu.
"Ngize ngathatha isinqumo sokungena sengineminyaka ewu-16 ngoba ngiwuthanda. Ngiqale ngomqhudelwano kazwelonke futhi ngithe ngiqala ngahlabana. Ukusebenza ngokuzikhandla ngesikhathi ngisesemzuliswaneni wamanqamu, yikho okungenze ngakhala ngemuka nesicoco sikaMiss Teen Tourism Earth."
Uthe unethemba lokuthi nasesicocweni sikazwelonke uzowudla umhlanganiso ngoba uyazethemba kakhulu ngakwenzayo.
"Ngiyintombazane ekunqobayo ukwesaba. Ngalokho ngiyakwazi ukusiza namanye amantombazane ngezinkinga zawo. Ngikholwa ukuthi uma nginephupho ngokuthize, ngingalifeza lelo phupho. Manje angisakwesabi ukuphupha into enkulu. Ngisohambeni lokufeza amaphupho. Ngakho ngiyajabula njengoba ngiyomela iNingizimu Afrika ngonyaka ozayo." Nasemfundweni akazibekile phansi u-Asande njengoba ezokwenza izifundo ze-Actuarial Science esikhungweni semfundo ephakeme ngonyaka ozayo.