UKOTINI avumbuke ngawo ngempelasonto uNobhala we-African National Congress (ANC) uqubule omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana. Isithombe esisabalale ezinkundleni zokuxhumana sikaMnuz Fikile Mbalula ubonakale eswenke econsa eshaye umsiko welebuli yomntakabani i-Dolce & Gabbana (DG) nokwenze abaningi bametha elikaMoshe weTakalani Sesame yodado.
Kulesi sithombe kuvele ukuthi uthathwe eseFrance nezinye zezikhulu zakuleli njengoba bekudlala AmaBhokobhoko ngempelasonto.
Selokhu sivelile abantu bakuleli babonga ukuthi yize ebephesheya kwezilwandle kodwa ukwazile ukumela izwe waze washaya umsiko abamfanise kuwo nopopayi wodado uMoshe.
"Angithi usho lona wakwiTakalane Sesame, baba kuthiwa uMoshe, hhayi uMushe," kusho uZamatau maMotaung Oka Morapedi ephela insini.
"Bathi uyilo munye kumaTeddy Tubbies,“ kusho uSibo Sbosh Mahlambi sakumfanisa nalaba opopayi okuthiwa amaTeletubbies.
"Selokhu waba nguMoshe kusukela esikoleni," kuncokola uMuamavu Ishe Khoro
"Takalani Sesama, Takalani Sesame!" kusho uFikeh Dianacia Mthombeni sakumculela njengebika lalaboi popayi.
"Badlala ngawe, la iTeletubbies," kusho uThandanani Mkhize.
Ikhasi lakwiFacebook elithathwa njengelakhe uMbalula yize lingenalo uphawu olukuhlaza lokuqinisekisa amakhasi osaziwayo, kunombhalo ebabaza kulo ngelikaMoshe.
Yize kunjalo kodwa nakweminye imibhalo izakhamuzi zakuleli zisaqhubeka nokushutheka elikaMoshe elibukeka lichuma kuMbalula kwezokuxhumana. UMbalula kuzokhumbuleka ukuthi ukudla ukotini ngenye yezinto adume ngazo njengoba emicimbini eminingi ehlala ephuma phambili. Ukwethiwa leli gama kubukeka kuyinto engamkhathazi kakhulu.