BAYISITHUPHA kwabayishumi abesifazane abazoqhuthana amazenze emncintiswaneni wezitshudeni ezifundela umkhakha wemfashini, iHollywoodbets Durban July Young Designer Awards, okuzokwemenyezelwa onqobile kuwona ngosuku lwalo mjaho wamahhashi ngoJulayi 6.
Esinye salezi zitshudeni uFundiswa Bhengu (32) waseMthwalume, esenza unyaka wokuqala kwezemfashini Esayini Fashion School. UFundiswa uthe ujabule kakhulu ngokudlulela esigabeni sabawu-10 bokugcina ikakhulu ngoba ukhule elandela lo mjaho wamahhashi, ethanda imfashini yakhona.
“Ngikhule ngiwunobuhle, ngihlale ngiwubuka minyaka yonke lo mcimbi, lokho kwenza nami ngafisa ukugcina ngimodela kuwona ngelinye ilanga. Bengingakulindele ukuthi kungenzeka ngale ndlela sengifundela imfashini, ngakho lokhu kukhulu kakhulu lokhu kimina,” kusho uFundiswa Bhengu.
UNontsikelelo Godlo (41) odabuka eMthatha, e-Eastern Cape, owenza unyaka wesibili wezemfashini ePMB School of Fashion, naye ungomunye wabaqokiwe. Uthe leli yithuba elikhulu kakhulu kuyena njengoba bekungokokuqala engenela umncintiswano omkhulu kangaka.
“Ngicabanga ukuthi lokhu kuzongisiza kakhulu ukuqhubeka nomsebenzi engiwenzayo wemfashini njengoba sengiqalile ukuthungela abantu imisiko abayifunayo, futhi kuzokwenza ngikhule ebucikweni bami,” usho kanje.
Abanye abasohlwini lwabayishumi ngoSineziwe Ndlozi noKrishan Ramdewu bePMB School of Fashion, Nduduzo Zwane no-Ayanda Zulu beLindiwe Kuzwayo Academy, Olwethu Payi no-Avuyile Sihlobo beDurban University of Technology, Tamryn Price we-Esayidi Fashion School noSiphesihle Mkhize woMgungundlovu TVET.
Elinye lamajaji abehlunga lezi zitshudeni uMnuz Greg Wallis, lithe okulihlabe umxhele kakhulu ngalezi zitshudeni wukuthi ziyilandelile indikimba yalo nyaka ethi Ride The Wave, okwenze imisiko yazo yaba yilokhu abebekufuna.
Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uTeko Modise, naye ongomunye wabebehluza, uthe bekungelula ukuqoka abawu-10 bokugcina ngenxa yokuthi zonke izitshudeni bezizimisele futhi umsebenzi wazo ubumuhle kakhulu.
NgoJune 28, lezi zitshudeni zizohlangana ukuyothwetshulwa nemisiko yazo ezizohloma ngayo ngosuku lomcimbi, okuyilapho okuzomenyezelwa khona izitshudeni esizohlabana ngomfundaze kaR100 000 okuzohlukanisela wona abathathu abaphume phambili.