UKUZIKHANDLA nokwenza okungaphezu kwalokho obekulindelekile, ngezinye zezinto ezenze izintokazi ezincane ezimodelayo zaphumelela. Ngokusho kwezintokazi zikholwa wukuthi lezi zinto zibambe iqhaza elukhulu ekutheni zidle umhlanganiso womncintiswano wokumodela oqhakambisa ukuqonda ngezifo zengqondo nobungozi bazo, koweMiss KZN Queen 2024/25.
Baqokiwe ngempelasonto ozime baseThekwini, okunguNothando Mngadi onqobe kwabadala, no-Azile Ngcobo odle umhlanganiso kwabancane, emcimbini wokuklomelisa abanqobile e-Austerville Community Hall, eWentworth, eThekwini.
UNothando (23) uthe ukucwaninga kabanzi ngezengqondo kumsizile ekutheni abhincisele ozakwabo ngangxanye ngoba kufike usuku lomncintiswano esehlome ngokuphelele.
Ubeke kanje uNothando: “Ukuba kulo mncintiswano kungikhulise kakhulu futhi kwenza ngaqonda nezinto ebengingazazi ngami, ngakho manje sengibheke ukusebenzisa igama lawo ukwenza umehluko emphakathini ngenhlangano yami, Uthando Foundation.”
Ayaziwa amagalelo omncintiswano osungulwe nguZime Msweli ngo-2018, kwezokumodela, njengoba sekwedlule esandleni sawo onobuhle esingabala kubona u-Ayanda Thabethe, Anelisa Nxele noSibusisiwe Zwane, asebebuya nakuMiss South Africa
U-Azile (18) ubonge umndeni wakhe nabangani bakhe ngokumeseka kusuka kuqala umncintiswano ezinyangeni ezintathu ezedlule, kuze kufika lapho asekhona manje.
Uthe umncintiswano uzoba yisinyathelo esimsondeza ekutheni afike ezingeni likaMiss SA eminyakeni emibalwa ezayo.
Emcimbini kuklonyeliswe nabanye onobuhle abenze kahle kweminye imisebenzi yomncintiswano; i-Ambassador uNtando Ngcobo, i-Top Model u-Owethu Ngcobo, i-Inspirational Queen uSamkele Zungu novotelwe kakhulu uMasibonge Khumalo.
U-Azile uthathe isicoco kuPalesa Khanyile, kanti uNothando yena usithathe kuNkazimulo Tshabalala abebesiphethe nyakenye.
Bekuyihlandla lesithupha nonyaka kuhlelwa umncintiswano, phambilini unqotshwe nguKholeka Dlamini, Philasande Ngcamu, noSithabile Mnyandu owaba ngokowuqala ukunqoba ngo-2018.