BABESABA nokuwuthinta umshini wokuthunga abafundi baseMpangeni High, abaqede uhlelo lokuqeqeshelwa ukuthunga.
Abafundi bamantombazane abangu-14, baqeqeshelwe ukuthunga izinyanga eziyisithupha esikoleni, iFezile Fashion Skills Academy.
Laba bafundi benze iGarment Construction &Technology nePattern Skills & Design.
UThandolwethu Simelane (16) ofunda ugrade 9 kulesi sikole, uthe babengu-100 abajoyina uhlelo esikoleni sakhe kodwa bagcina behlungiwe kwasala abangu-14.
" Imfashini ngiyayithanda kodwa ngangena ohlelweni ngingabaza ukuthi yinto engiyifunayo. Ngangena kunjalo ngoba ngiyazithanda izinto futhi benginakho ukuthi ngizongena emkhakheni wemfashini kodwa bengingakaqiniseki ngoba ngisafunda ugrade 9. Ukuba kulolu hlelo kungivule amehlo kwangenza ngaba nesiqiniseko sokuthi ngempela yiwo umkhakha engizowundela. Uma ungakaboni kusetshenzwa kuyenzeka ube nothando lomkhakha uma usufikile ubone ukuthi cha akuyoma into oyithandayo ," kusho yena.
Uqhube wathi ngezinsuku zokuqala babeze bakhale, behlulwa wumshini wokuthunga.
" Akekho kithina owayeke wathunga ngomshini, besijwayele ukuthunga ngesandla. Ngosuku lokuqala lokusebenzisa umshini akekho owathunga. Sonke sasiwesaba. Wawunele udume nje umshini, sishwabane sonke. Sasize sikhale ngoba sibona kuhamba izinsuku singakwazi ukuthunga ekubeni emakhaya kwaziwa ukuthi siyothunga. Sasinamahloni okuthi singasuka eMpangeni, siye eThekwini sizohluleka ," kusho uThandolwethu.
Uthe ngemuva kwamasonto amabili, baqala ukujabula ngoba sebekwazi ukuthunga.
"Sifunde ukusika iphethini sihlanganise indwangu," kusho yena.
Umsunguli weFezile Fashion Skills Academy ofunde eMpangeni High, uNkk Fezile Mdletshe, uthe iCovid-19 iveze izingqinamba zokuthi imindeni eminingi ingabi nayo imali engenayo. Ngenxa yalokhu bathathe isinqumo sokuthi bahlangane nesikole baphonse esivivaneni, ngokuthi banikeze abafundi ikhono abangalisebenzisa ngesikhathi esizayo, bathunge badayise," kuchaza uNkk Mdletshe.
Uthe abafundi bakhombise ukuzinikela okuyisimanga okuzobasiza uma sebeqhubeka nokufunda. Wathi ingubo ebithungwa bekuyilittle black dress, ehlotshisiwe ngendwangu eyimibala yedube.
"Abafundi bajabule kakhulu uma bebona umsebenzi wabo wezandla," kusho uNkk Mdletshe.