NAKUBA emcimbini waminyaka yonke womjaho wamahhashi iHollywoodbets Durban July kusuke kubhekwe ukuthi yiliphi ihhashi nomqhubi walo abazodla umhlanganiso, yiqiniso elingephikwe ukuthi abaningi bayela ukuyokhipha unyawo ngengqephu.
Njengoba sekusele amasonto amathathu ngaphambi kokuthi kufike lo mcimbi ongoMgqibelo wangoJulayi 6, kufanele ukuthi abantu abazoya kowuthamela sebeqalile ukuhlanganisa imisiko abazohloba ngayo.
Nokho singekushalazele ukuthi akuwona wonke umuntu ozoba namandla emali yokukhokhela izindleko zabasiki bengqephu bezinga eliphezulu, futhi kube kusazodingeka abe nemali eyanele ukuthenga ukudla neziphuzo kokuzijabulisa kuqhubeka umcimbi.
Umsiki wengqephu ozinze eThekwini uNdumiso Madonsela weBeez Couture, ucebise abantu abazohambela lo mcimbi ukuthi babheke izimpahla ezingambi eqolo ezitolo ezahlukene, baqikelele ukumesha indikimba yomcimbi ethi Ride The Wave.
“Abesifazane bangathenga izimpahla ezinendwangu ezobakhulula nenombala ogqamile futhi ozomesha indikimba yomcimbi, bangazixaki ngempahla ezonamathela kakhulu emzimbeni ngoba lokho kungenza ukuthi bangakhululeki. Abesilisa bona bangathenga noma bathungise amahembe enziwe ngendwangu ekhangayo, nezoveza isifuba, namabhantshi ombala o-blue noma o-grey,” kucebisa uMadonsela.
UNksz Nompumelelo Mjadu wenkampani yaseThekwini eyenza imisiko yabesifazane iJado Mjadu, yena uthe okunye okungasiza abantu abeza kulo mcimbi wukubheka ezimpahleni abanazo vele, bahlanganise imibala ukuhambisana nendikimba yomcimbi.
“Akuphoqi ukuthi uthenge noma uthungise impahla entsha. Usengaba muhle ngempahla yakho osake wayigqoka phambilini, bese beqikelela ukuhlanganisa imibala ngendlela efanele. Okunye futhi engibacebisa ngakho wukuqikelela ukugqoka ama-block heel ukugwema izicathulo ezingena ntshi enhlabathini. Nabesilisa bangabheka ezimpahleni abanazo, noma umuntu afake isudi nje enhle nejwayelekile,” kusho uNksz Mjadu.