ABAZIYO bathi lamelwa yinhliziyo laquleka ikati lingazi likhethe ini kuwubisi ngapha nenyama ngapha, kube ngesifanayo ezinkulungwaneni zabantu ebezihambele umcimbi waminyaka yonke iSoweto Kota Festival.
Lo mcimbi ububanjelwe ezinkundleni zekhilikithi i-Oval elokishini laseRockville ohehe izethameli ezingaphezulu kwezinkulungwane eziyishumi ngoMgqibelo nangeSonto.
Inhlosongqangi yalo mcimbi ngokusho kwabahleli bawo wukunikeza osomabhizinisi baselokishini ithuba elihle lokukhangisa ngamabhizinisi abo okudla okusheshayo.
Iningi labantu baseGoli bayayazisa ikota (yisinkwa esisikwe kane safakwa izibiliboco ezingama-chips, inyama ethosiwe, yiqanda, amasosiji athakwe ngezindlela ezahlukene nokunye okuningi).
Okugqame kakhulu kulo mcimbi wukuthi osomabhizinisi abaningi abantu abasebasha, nabaqhamuka namasu amasha okwenza ikota ihehe ngendlela engajwayelekile.
Abanye bafaka umbengo wenyama ethosiwe, abanye bafake ama-wings ababayo, abanye bazenzela awabo amasosiji ahlukile nehla esiphundu.
UKwanele wenkampani ezinze eMfolo North udide abathengi abaningi ngekota yakhe ehamba nesiphuzo igamere (igingerbeer eyenziwa ekhaya). Abantu abaningi bayayazi igamere futhi bakhule yenziwa emakhaya. UKwanele nethimba lakhe bashintshe umshovo ngalesi siphuzo besithaka ne-strawberry ne-passion fruit ukunika abathengi okusha nokuhlukile.
Abaxhasi abakhulu balo mcimbi kulo nyaka inkampani ebhaka isinkwa iBlue Ribbon badlale indima enkulu kakhulu kwazise phela ikota yenziwa ngesinkwa esisikwayo.
Le nkampani ayigcinanga ngokuxhasa umcimbi nokunikela ngezinkwa kosomabhizinisi abebekhangisa imisebenzi yabo, ibuye yaklomelisa osomabhizinisi abathathu abavelele ngomsebenzi wabo kulo mcimbi.