AMALUNGU ePhalamende asola uNgqongqoshe wezokuVakasha, uNkk Patricia de Lille, ngokuqoka abangani bakhe kwibhodi lesikhashana le-SA Tourism.
NgoLwesibili, uNkk de Lille ubesePhalamende lapho ebeyohlangana namalungu ekomiti lezokuvakasha okokuqala.
Kuzokhumbuleka ukuthi wahlakaza ibhodi leSA Tourism, ngesikhathi esanda kuqokwa ukuthi abe nguNgqongqoshe wezokuVakasha ngenxa yesivumelwano esasihlongozwa yilolu phiko sokweseka iqembu lebhola lase-United Kingdom, iTottenham Hotspur, esasizodla imali elinganiselwa kuR1 billion.
Okwamanje ibhodi leSA Tourism linamalungu amathathu okungoMnuz Tim Harris, Zwelinzima Mntambo noNksz Kholeka Zama.
UMnuz Anthony Mutumba we-EFF, ubuze uNkk de Lille ukuthi umkhetha kanjani uHarris ekubeni wayesebenzisana naye ngesikhathi eyiMeya yaseCape Town?
Uthe kufana nokuthi uNkk de Lille ulande umngani wakhe.
UNksz Thandi Mahambehlala we-ANC, uveze ukuthi akanayo inkinga ngokukhethwa kukaNksz Zama kodwa wabuza ukuthi bebengekho yini abanye abantu abangaqokwa ezikhaleni zikaHarris, noMntambo.
“UHarris ubusebenza naye esaseWesgro lapha eCape Town, kuyacaca kunobuhlobo. Manje ukhethwe kanjani uMntambo ngobaakahlangene nezokuvakasha ungusozimali ogxile kwezezimayini. Ukhethwa kanjani ngempela umuntu onama-billion?” kubuza uNksz Mahambehlala.
UNkk de Lille uthe uyakuzwa ukukhathazeka kwamalungu ePhalamende kodwa ngeke atshelwe ukuthi aqoke bani ebhodini.
“Ngizozibheka zonke iziphakamiso zenu, ngiyakuzwa enikushoyo kodwa akufanele ningiphoqe ukuthi ngikhethe bani ngoba ekugcineni yisinqumo okufanele ngizithathele sona leso. Ngizozigcwalisa ezinye izikhala zebhodi okwamanje bengidinga abantu abazoqinisekisa ukuthi wonke umsebenzi weSA Tourism uhamba kahle,” kuphendula uNkk de Lille.