NOKUBONGWA PHENYANE
KUMANGALE abalandeli bomdlalo i-Scandal okhonjiswa kwi-e.tv njengoba kuthe kuqala isizini entsha kuleli sonto, kwavela inqwaba yabalingisi abasha.
Abakwa-e.tv bebefihle induku emqubeni ngokwenza izinguquko kulo mdlalo njengoba ngisho nabezindaba bebengakaze batshelwe izindaba zokuthi kuza izinguquko kuwo.
Kubalingisi abathuliwe kubalwa u-Oweni Sejake, Bongani Gumede, Wright Ngubeni, Botlhale Baitsiwe, Danny De Bruyne, Bongile Matsai, Khutjo Green noRuth Tladi.
Izindaba zokuqubuka kukaBongile izona ezike zavela kwabezindaba njengoba kwathiwa indawo kaMthunzi ake ayilingisa phambilini kulo mdlalo iyabuya.
Omunye wababhali balo mdlalo uGrace Mahlaba uveze ukuthi uhambo olusha lolu abaluqalile, nabaxolisa kakhulu kubabukeli bomdlalo njengoba bebefuna ukubasusa emhlabeni omdala akade bewubuka manje sebekomusha.
“Siyazi ukuthi silethe izinguquko abebengazilindele, kodwa kuzo sithembisa into abangakaze bayibone ngoba umdlalo uphethe izigameko ezizobashiya bebambe ongezansi. Ezinye izinguquko zisezindabeni akade bezilandela emdlalweni futhi nabalingisi bathembisa ukuzinikela kukhona konke abazokwenza. Ukwethula abalingisi abasha abazolokhu bevela kancane kancane emasontweni ezayo nakho kuzoveza izimfihlo ukuqhubekela phambili ngomdlalo,” kuchaza yena.
Uthe isingu-20 iminyaka bekhona yingakho bekhethe ukuvula ngokusha.
“Sinxusa ukuthi ababukeli bomdlalo bangehlelwa uthando lwawo ngokubona izinguquko. Asisho ukuthi kuzoshintsha indlela asebewujabulele ngayo yonke le minyaka. Besidinga ukuzenza ukuze uqhubeke uhehe, isingeniso sawo sishintshile, ngakho sibonga ukuthi bakuvezile ukukhathazeka kwabo ngokuthi kwenzekani, kodwa sizobalethela lokhu abebekufuna ukuqgubekela phambili,” kuchaza yena.
Abalingisi athe bakhuza ibuya kubalwa kubo uMapaseka Koetle, Kwenzo Ngcobo, Londeka Sishi, Seputla Segodi, Nombulelo Mhlongo nabanye.