ABANTU bakuleli bamamukele ngezandla ezifudumele, uMiss South Africa uLalela Mswane, otheleke namhlanje ekuseni kuleli, ngemva kokuthatha isicoco sikaMiss Supranational.
ULalela ophethe isicoco sikaMiss South Africa, udle umhlanganiso ngoJulayi 15, emncintiswaneni iMiss Supranational, obusePoland.
Le ntokazi edabuka KwaSokhulu, ngaseRichards Bay, ifikele kwizinkumbi zabantu esikhumulweni sezindiza i-O.R. Tambo International Airport, eKempton Park, eGauteng.
A proud moment for South Africa. #MissSupranational arrives home 🇿![CDATA[]]>🇦![CDATA[]]>🥳![CDATA[]]>💃#LalelaHomecoming #LaleleComesHome@Official_MissSA @Lalela_lali@ortambo_int pic.twitter.com/l5LOZlv1hn
Izolo ezinkundlweni zokuxhumana abantu bathembise ukuthi bazomhlangabeza uma esefika.
Kwenzeka lokhu nje, sesiya ngokuphela isikhathi sikaLalela sokuba nguMiss South Africa futhi ususondele umncintiswano wakulo nyaka.
ULalela wathatha isicoco kuShudufhadzo Musida ngo-Okthoba odlule. Abahleli bomncintiswano bawaqinisekisile izolo amaciko azonandisa emcimbini weMiss SA ozoba ngo-Agasti 13, eSunBet Arena, ePitoli.
Phakathi kwabazonandisa kubalwa umrepha uBoity, Rogue, Heavy K, Nadia Nakai, Elaine, Ndoni, Lloyiso noMakhadzi.
Bajoyina u-Anele Mdoda osanda kumenyezelwa njengozophatha uhlelo noMoshe Ndiki, ozokwethula okwenzeka uma izicukuthwane zamukelwa kukhaphethi obomvu.
“Ngijabule kakhulu ngokucula kuMiss South Africa wakulo nyaka. Ngizobe ngiqala ukucula emcimbini wonobuhle futhi kuyinto enkulu kimi, sengijahe kabi. Asihlangane khona,” kusho u-Elaine.
IKwaZulu-Natal imelwe ngababili embangweni wesicoco okungu-Ayanda Thabethe (22), noLuyanda Zuma (20) baseMgungundlovu. Ezinye izintokazi ngo-Anarzade Omar, Itumeleng Parage, Keaoleboga Nkashe, Lebogang Mahlangu, Luvé Meyer, Ndavi Nokeri, Pearl Ntshehi noTamsyn Jack.