INKAKHA emdlalweni wesibhakela, uPhillip Ndou, izokhuluma ngohambo olungabanga lula kulo mkhakha ohlelweni oluthi Time Bomb – The Incredible Story of Phillip Ndou.
Lolu hlelo luzoqala kuMzansi Magic (161) ngoJanuwari 27 ngo-8.30 ebusuku.
Iziqephu eziyisithupha zalolu hlelo zizoveza impilo kaNdou esakhula engena kulo mkhakha owagcina umusa ngisho phesheya kwezilwandle.
Echaza ngalolu hlelo, uNdou uveze ukuthi ukukhula kwakhe akubanga lula kodwa ukulangazelela impilo engcono yikhona okwambeka la ekhona manje.
“Umkhakha wesibhakela ungilethela izinto ezinhle nezimbi empilweni yami. Lolu hlelo ngeke nje luveze obekwenzeka uma ngiseringini kuphela kodwa kuzobonakala nempilo yami kusukela ngizalwa ukuthi ngakhulela kuphi futhi ngakhula kanjani kwaze kwaba ngila ngikhona. Kuzovezwa nokuhambela kwami amanye amazwe aphesheya kwezilwandle ngihlangane nabantu abafana noFloyd Mayweather esake sazwana amandla naye,” kusho uNdou.
Uthe isiqephu ngasinye sizoshiya abantu bephakanyelwe imimoya ngezinto azoziveza ngalo mkhakha.
“Ngilwe izimpi ezihlukene kulo mkhakha eringini nangaphandle kwayo. Amaphupho ami ngalo mkhakha ngizowaxoxela abantu ukuthi yini engangiyifisa kanjalo nezinto engazenza ngagcina ngizisola ngazo nazo ngizoziveza ohlelweni. Engifuna ukukwenza nje ukuba yisibonelo entsheni efuna ukungena kwezemidlalo. Ngiyayikhuthaza ukuthi ukubuka kwayo lolu hlelo izobona ukuthi udlula ezimweni ezihlukene ezikuvivinyayo, okudingekayo nje ukuthi usukume uzithathe,” kuchaza yena.
Uthe okunye okuzogqama yindlela abe yiyo emndenini wakhe nasemsebenzini.
Ugcizelele ukuthi ngalolu hlelo ubona kubungazwa impilo yakhe ayiphilile nokuyinto emjabulisayo.