ISIHLOKO: Uyathunukala Udali
UMCULI: Nomfundo Ndebele
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
NAWE Ndwedwe awumncinyane neze ngoNomfundo Ndebele. Lentokazi seyineminyaka iyibambile kule ndima. Inethwa zimvula ingaphethe i-ambrela futhi ilunywa yizinja ingaphethe nduku. Ngisho ngoba beyingaqashwa emicimbini emikhulu futhi ingadlalwa emisakazweni emikhulu. Nginethemba lokuthi lolu nqambothi lizomvulela yonke iminyango ebivaliwe.
UNomfundo ukhiphe amangwevu ngempela. Okungichaze kakhulu imiyalezo esezingomeni zakhe. AmaNazaretha ngeke engahlabeki umxhwele uma engezwa lengoma ethi Bathi Ngithwele. Ngaleli culo, uNomfundo uhambisana noSaliwa futhi bancoma imisebenzi yomholi waseBuhleni, uNyazi Lwezulu.Ngingathi kuNomfundo lengoma akaqinise kakhulu ekuyiphusheni ngoba iyona ezomcabela indlela emicimbini eminingi. Asethembe uphiwe nasekugijimeni ngenqina ngoba isigqi sayo sifuna umuntu oyigagu. Ngivele ngiyibone inhlalisuthi nengudlungudlu yakwaShembe sebegidela lengoma. Kuvele kusiphuzele unwele uma uSaliwa esebongela uNyazi. Kuzofanele asebeyizwile lengoma balizwise uNyazi ngoba nalo luzobhema lukholwe wumyalezo oqukethwe yile ngoma. Empeleni ingaba nayihubo laleli bandla. Izobachaza abaningi ingoma eyisihloko se-albhamu.
Ingoma engamakhela ugazi kubantu abaningi. Idingida isihloko esisemqoka esiholela kwiGBV. Uthi usenkingeni yokuthandana nomuntu owaphulwa inhliziyo ngoba engamthinta kamnandi kanjani, udali uvele athunukale. Indlela ashintsha ngawo amaphimbo ungaze uzitshele ukuthi kunomunye umuntu ampikile. Nakuba kunjalo kodwa uLuve Dubazana ubengayibeka kwelinye izinga ngoba ishaywe ngoshuni wakhe. Abakhonze umculo kaKhuzani noQhosha, bayazi amanoni alaba baculi uwanonge kanjani ngephimbo lakhe. NgeNduku enhle, uNomfundo ukhuluma udaba olukhulu lokugxekwa kwabantu besifazane abathandana nabantu bangaphandle. Ubuza ukuthi inkinga ikuphi ngalobu budlelwano ngoba isiZulu sithi "Induku enhle igawulwa emazweni."
Engomeni acula kuyo noCebolenkosi, ethi Ngikhulule Mama uNomfundo utusa ukukipita. Leli ciko libuye lagxeka ukujolana emsebenzini ngoba bagcina sebehluleka ukwanelisa izithandwa zabo. Selilonke uNomfundo uliphakamisile izinga. Asethembe ukuthi abasakazi namabhinca bazomeseka uNomfundo ngoba abaculi abaningi ubadlisele ogageni.