USAKHILE Biyela wasoBuka, eMpangeni ekuqaleni kwalo nyaka obonakale newele lakhe uThabani ohlelweni lwethelevishini, Imboni Yamatekisi kuMzansi Magic, uthe uzobhoboka okokuqala ngowesilisa owabulala iwele lakhe ngoDisemba ngonyaka odlule.
USakhile ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe, njengoba lolu hlelo lushaya ibuya kulesi siteshi kusuka ngo-Okthoba 26, ngo-8 ebusuku.
USakhile uthe namanje usabuthwele ubunzima ngemuva kokudutshulwa kabuhlungu kwewele lakhe, okwenzeka beqeda kushutha isizini yokuqala yohlelo.
“Ngijabule ukuthi isizini yesibili yalolu hlelo, iyabuya njengoba kuyona ngizokhombisa ukuthi ngikuphi nempilo kanjalo namabhizinisi mina nomfowethu ebesiwenza. Kulona ngizoveza ukuthi umfowethu wabulawa ubani, njengoba kungumuntu wasemndenini ozalwa nesinye isilomo somsakazo Ukhozi FM. Angizimisele ukuthi kube khona engikufihlayo ngokudlula emhlabeni kwengane yakwethu ngaleya ndlela. Okunye abantu abazokubona ukuthi njengoba sengingedwa manje impilo ikanjani futhi ngaphandle ke kokuba sematekisini kukhona okunye engiziphilisa ngakho, nokuthi kuyona le mboni yamatekisi esikuyo kukhona okuhle esiphila ngakho nesikwenzayo, akukhona nje okubi kuphela,” kusho uSakhile.
Uthe okunye afuna ukukugqamisa ohlelweni inkampani yomculo Iqhude Music okukhona kuyo abaculi okubalwa kubo uMzukulu kaShafuza, Mfana kaMjikijelwa, uZiyaminca noZethu Biyela ocula umculo wokholo.
“Kuboshelwe kakhulu abaculi bakamaskandi engifuna ukubasa kude kulo mkhakha esikuwona. Ngizophinde futhi ngigqamise izingubo zokugqoka engizikhiqizela zona ngaphansi kwenkampani iBullador Clothes,” kuchaza yena.
Kulolu hlelo kwababuyayo kukhona uSabelo Ndaba noNthabiseng Keorone.
Kwabazobe beqala ukuvela kulona kubalwa uSbongile Maseko, ongowesifazane ongashadile onezingane ezintathu nosafunda ngezinto ezehlukene emkhakheni wamatekisi.