UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Gayton McKenzie, usememezele ukuthi uyaluvala uhlelo obelwaziwa ngokuthi, iSiyalapha Wellness, obekuhlelwe ukuthi kwelulekwe ngokwengqondo amaciko nabezemidlalo uma bebhekene nengcindezi.
Lolu hlelo bekulindeleke ukuthi ludonse iminyaka emithathu njengoba belunikwe imali engaphezu kukaR18 million, nokuthi njalo ngenyanga onikwe lo msebenzi athole imali engaphezu kukaR5 million.
Ngokwalolu hlelo amaciko nabadlali bebezothola usizo oluphuma kubo, uma bebhekene nezinkinga ezehlukene empilweni.
UMcKenzie uthe bakhethe ukulumisa uhlelo emva kwemibuzo eminingi ngalo njengoba ludla izigidi zamarandi.
"Bekuthiwa bonke ababhekelwe yilolu hlelo bazosizwa uma benenkinga yemali, eyokhwantalala nezinye izinto ezibathintayo uma bebhekene nobunzima. Sibuze umbuzo wokuthi le mali engaka yenzani okwamanje, saba nokukhathazeka nangalo uhlelo lulodwa. Sibone ukuthi kukhona la le mali engaka engasetshenziswa khona yingakho sikhethe ukulunqamula lolu hlelo. Kumanje umnyango ubheka ezinye izindlela zokuthi amaciko kanye nabadlali iyiphi enye indlela abangasizwa ngayo uma bebhekene nobunzima," kusho uMcKenzie.
Uthe njengohulumeni babheka izindlela ezehlukene zokwenza kangcono nokuqinisekisa ukuthi bonke abantu kumele bathole usizo ngaphansi komnyango wabo.
"Kukhona umehluko esiwubonayo emdlalweni wesibhakela obunganakiwe nakancane, kodwa ngeke sigcine lapho kumele siyibheke nemindeni yamaqhawe ethu uma edlula emhlabeni sikwazi ukubasiza la besidinga khona. Kumele sazi ukuthi siphendula kanjani ezimeni ezehlukene ezihlukumeza abantu abasidumise umhlaba wonke, singavele sibakhohlwe nje kalula. Kumele kube yithi uma bedinga usizo okumele sibanike lona ngendlela efanele," kuchaza yena.