AMACIKO asaba ngisho ukukhuluma ngesehlo sakamuva sokudutshulwa sokubulawa komrepha uKiernan Jarryd Forbes obedume ngelika-AKA kubalandeli bakhe.
U-AKA udutshulwe washona ngoLwesihlanu, ephuma endaweni yokudlela iWish, emgwaqweni uFlorida, eThekwini. Ushone nomngani wakhe naye uTebello Tipz Motsoane.
Kwi-video ekhombisa okwenzeke ngesikhathi bedutshulwa esabalele ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala owesilisa oqhamuke laba sebehamba kungathi bayavalelisana, wavele wadubula u-AKA kanye ekhanda, wawa, abanye babaleka. Umsolwa ubaleke weqa umgwaqo, waphela emehlweni.
Isolezwe lizame kaningi ukuxhumana nabaculi ikakhulukazi be-hip hop, abazwakalise ukuthi abathandi ukukhuluma ngalolu daba.
Umrepha odumile kuleli oke wasebenza no-AKA, uthe akafuni ukuphawula njengoba kunzima ukwazi ukuthi kwenzakalani.
“Ngeke ngize ngikwazi ukuphawula, kubuhlungu lokhu okwenzakalayo sisi wami,” kusho lo mculi ngamafuphi.
Omunye uthe kunzima ngisho ukudlulisela amazwi enduduzo emndenini.
“Niyazi ngisho kunina bezindaba sijwayele ukuthi sikhulume uma kukhona uzakwethu odlulile kodwa lezi zigameko zakamuva ziyathusa, sinovalo kakhulu,” kuchaza leli ciko.
Elinye iciko laKwaZulu-Natal, elikuwona lo mkhakha lithe kulolu daba kunzima kakhulu ukuthi baphawule ngoba banovalo.
UKwesta noKhuli Chana nabo bacele ukungaphawuli lutho ngesikhathi bethintwa.
Kwenzeka lesi sigameko nje, ngoNovemba wangonyaka odlule, kudutshulwe kwabulawa uDJ Sumbody nonogada wakhe esigamekweni esishiye imibuzo eminingi kumaciko akuleli.
Ngesonto eledlule, kuvele izindaba zokuthi umrepha uCassper Nyovest, wandise onogada bakhe ngemuva kwesigameko sokudutshulwa kukaDJ Sumbody.
Iphephandaba langeSonto libike ukuthi kukhona othathiwe wayophoswa imibuzo ngokudutshulwa kuka-AKA kodwa okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe okwamanje akukho okusha okuthinta leli cala.
Umndeni kaTebello nawo ukhiphe isitatimende uqinisekisa izindaba zokudlula emhlabeni kwendodana yabo abaveze ukuthi bekuyiyona yodwa.
AbakaMotsoane baveze ukuthi bagqemeke engeqiwa ntwala ngalesi sigameko. Bathe babonga amazwi enduduzo abalokhu bewatholile kubantu bakuleli nakubalandeli bakaTebello, baveza ukuthi okuthinta amalungiselelo okumfihla bazokumemezela ezinsukwini ezizayo.
UDJ Zinhle naye akaphawulanga lutho ngalesi sigameko kodwa enkundleni yokuxhumana kwi-Twitter, ubelokhu ezifake njalo izithombe zika-AKA nendodakazi yabo uKairo.