KULINDELEKE ukuthi luvulele abanye abaculi indlela eya empumelelweni, uhlelo olukhuza ibuya nesizini yesithathu, iShay’ Ingoma oluba nezingxoxo ezehlukene nabaculi bakamaskandi.
Lolu hlelo lubuya ngoJuni 7, ngo-5 ntambama kuMzansi Magic Music (161). Luzoqhubeka nokwethulwa wumsakazi woKhozi FM uKhathide "Tshathugodo" Ngobe noNtombi Mzolo, ongumethuli wezinhlelo futhi oyindodakazi kaHhashi Elimhlophe no-Ebony.
Kule sizini okusha okuzokwenzeka wukubonakala komunye wabasakazi boKhozi, uZimiphi Biyela eba nesigaba sezingxoxo esigabeni esaziwa ngokuthi, Kudla'nengoma enabaculi abahlukene bezitika ngokudla kwesintu.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic, uveze ukuthi uZimiphi nabaculi bazobonakala bedla inhloko, amaMopani worms nezinye izidlo ezihlukile.
“Sekuyiminyaka umculo kamaskandi wenza kahle emisakazweni nasezinhlelweni ezihlukene zethelevishini. Manje abathandi balo mculo bazoqhubeka nokujabulela baphinde babone abaculi abahlukene bexoxa ngebanga asebelihambile kuwona. Sizobungaza ngalolu hlelo umsebenzi wezihlabani ezehlukene ezizochaza ukuthi zisuka kuphi kuze kube zilapho zikhona manje. Kodwa ngeke zigcine ngalokho ngoba zizophinde zijabulise ababukeli ngezingoma ezehlukene esezizikhiphile,” kuchaza u-Irvin.
Uthe okuzophinde kugqame kule sizini wukuthi lolu hlobo lomculo alugqamisi amabheshu nokugqokwa kwezimpahla ezihlobe ngengwe, kodwa muva nje ngisho indlela osuculwa ngayo usuhlukile kunangendlela yaphambilini.
“Yize sizogxila emsukeni walo mculo kodwa sizobheka nendlela omaskanda bamanje abawushintshe ngayo benza wajabulusa, okushintshe indlela abantu abawubuka ngayo kanye nesiko lalo mculo eminyakeni ezayo kuleli,” kuchaza yena.
UTshath’ugodo kuvele ukuthi uzogxila kakhulu ekukhulumeni ngomsuka weciko ukuze lingene kulo mkhakha, uNtombi yena uzobe esebheka indlela yesimanje ezodonsa amehlo entsha esencane ukuze ibuke lo mculo ngelinye iso.