UMCULI we-Afro soul, ubukeka ezilwela ngisho engasekho emhlabeni njengoba sekuputshuke izwi lakhe ekhala ngabantu abadla amandla akhe.
Muva nje kuzwakale izwi okukholakala ukuthi elomculi ongasekho uZahara lapho, ekhuluma nomngani wakhe mayelana nabasola ngokudla amandla akhe.
Uzwakala ethi akasababambele gqubu abebeyizikhulu zenkampani ayeqopha kuyo iTS Records. Le nkulumo yocingo iphakathi kukaZahara nomunye umuntu wesilisa, kuzwakala iphimbo likaZahara lithi ubengasenandaba nokudliwa kwamandla akhe ngoDJ Sbu, Thembinkosi “TK” Nciza nobengumkakhe, uNhlanhla Mafu. UZahara uthi yingoba konke okwenzeke kuye akukaze kwamenza wazinikela ezidakamizweni kodwa wavele wakubika kuNkulunkulu.
“Angisenandaba. UNkulunkulu uphendula imithandazo yami. UTK uyahlukana nentombi abethi uzoyishada, seyibuyele esokeni layo elidala. Manje uvuvukalelwe yizinyawo. UNhlanhla weMafikizolo akasezwa ezindlebeni. Umfazi wakhe. Bebebonke. UDJ Sbu wangana nezihlahla futhi uselubhadula phansi ngezinyawo.” Kuhlula ngisho umngani wakhe ethi ubone uDJ Sbu egibele imoto iG-Wagon kodwa uZahara uthi ubebolekwe ngabangani bakhe ukuze kungabonakali ukuthi akasenamoto. UZahara uzwakala ethi lezi zikhulu zehlelwa ngamashwa ngoba bezisaqhubeka nokudla amandla akhe. “Ngisho nomuzi angiwuthengelwanga yibo ngoba bebengafuni nemali yami.” Yize kungazeki ukuthi uZahara nalo mlisa babexoxa nini kodwa uNhlanhla uphumele obala ngonyaka odlule ngokuthi unenkinga yokungezwa.
Le nkulumo iqale ukunanyekwa abantu kwiX, okugcine ngokuthi isabalale nakwi-Instagram.
Okumangazile ukuthi uTK noSbu, bekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaZahara, baveza ukuthi lo mculi ubefana nodadewabo ngendlela abebemphethe kahle ngayo.
Ethintwa uTK uthe akakwazi ukuphawula entweni ewumbhedo neyinhlebo yabantu. Abantu bahlale behleba ngezinto abangazazi. Sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula. Futhi kubuhlungu ukuthi umngani uthathe isinqumo sokuputshuza ingxoxo eyayikhulunywa ngasese.“ Uthe kuyamhlekisa elokuthi akasakwazi ukuhamba.UDJ Sbu uthe akathunyelelwe umyalezo kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engakawuphenduli.
UZahara udlule emhlabeni esibhedlela saseGoli ngenyanga edlule.