ISIHLOKO: Braggacy
UMREPHA: Nadia Nakai
UHLOBO: Hip Hop/Rap
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UNADIA Nakai Dlamini (Kandava) umrepha nomethuli wezinhlelo zethelevishini odabuka eZimbabwe kodwa osezakhele udumo kuleli.
Mayelana nesibongo, wazalwa enguDlamini kodwa uthe eseneminyaka ewu-16 waguqukela kwesikanina. Isihloko sale albhamu usisusele ecwecweni lakhe lokuqala elalisihloko sithi Bragga ngo-2016, okuyigama alithekela kumlingiswa efilimini iFast & Furious.
Ngenxa yokuthi le albhamu uyenze ngenhloso yokuhlonipha owayeyisoka lakhe, uKiernan "AKA" Forbes, ube esetha leli cwecwe ngeBraggacy ngoba u-AKA ubebiza abalandeli bakhe ngeMegacy ngenxa yokuthi wayezibiza ngoSuper Mega.
Umunyu uqale uwuzwe ebikeni laleli cwecwe elisihloko sithi Well Done (Intro). Lowo munyu uyavuka uma sewuzwa nengoma ayenze noKashcpt esihloko sithi Never Leave ngoba uNadia usuke ebalisa ngokushona kuka-AKA.
Engomeni enoKrush, kuzwakala iphimbo lika-AKA, engomeni ethi Top of Mountain. Kubasengathi uNadia usekhuluma naye ngqo u-AKA engomeni apike kuyo uShekhinah noZakes Bantwini esihloko sithi Missing You. Kuyo usuke ethulela uSuper Mega isigqoko futhi emazisa ukuthi umkhumbula kanjani nokuthi usazifela ngaye. Angazi noma amadlebe ami, angimuzwa uZakes.
Ingichazile esihloko sithi No Problem. Isezingeni lomhlaba. Ngeke ungadansi uma uzwa ethi umfazi, ayenze noMthakathi nayenze noManu Worldstar ethi Shot in LA.
Isigqi sayo singikhumbuze ingoma ka-AKA ayenza noNasty C ethi Lemon (Lemonade). UMoozlie ukhombisa ukuthi ubizelwe emculweni we-hip hop njengoba egila izimanga ngama-rhymes akhe engomeni ethi Siphithiphi.
UBig Hush wenza kube sengathi ulalele inoni leR&B uma uzwa ingoma ethi My Body. Engomeni yokujuxuza ethi MEGA, napike kuyo uCindii Masina no-Osaze kutuswa amagalelo kaWinnie Mandela.
Lo mrepha ube esebhansela abalandeli bomculo wakhe ngengoma ayenze neQwellers esihloko sithi Talk. Ngamafuphi, uNadia ukhiphe amangwevu. Akudingeki ukuba uze ube ngumlamdeli we-hip hop ukuze uyithande.