UMOSHE Ndiki useveze ukuthi ngeke athi vu ngokuzobonakala ohlelweni lwakhe lapho ezogqamisa khona impilo yakhe njengoba elindele ukuba umzali wamawele abafana.
Lokhu ukusho njengoba sekuvele izindaba zokuthi uzoba nohlelo iLife with Moshe, oluzoba neziqephu ezingu13, kusuka ngoJanuwari 28, ngo7.30 ebusuku kuMzansi Magic.
Kulolu hlelo kuvele ukuthi uMoshe uzogqamisa uhambo lwakhe lokuba ubaba, njengoba kukhona owesifazane obekhulelwe izingane zakhe.
UMoshe ubhale emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi konke ngalolu hlelo abantu bazoqala ukukubona kulo akukho azokusho ngalo okwamanje.
“Anizozwa lutho ngami, konke nizokubona ohlelweni,” kusho uMoshe.
Kulolu hlelo uMoshe nokungowesilisa ophila impilo yokuthandana nabanye besilisa, kuvele ukuthi wasithatha kanjani isinqumo sokufuna ukuba nezingane kanjalo nokufuna owesifazane ozomthwalela zona.
UShirley Adonisi wakwaM-Net uveze ukuthi lolu kuzoba uhambo olungelula kulo saziwayo njengoba kuzogqama ukuthi impilo yakhe ukwazi ukuyimisa kanjani njengoba elindele lezi zingane zabafana kanjalo nokuba matasa emsebenzini wakhe.
“UMoshe umuntu ohlale enomdlandla futhi ejabule uma uhlangana naye. Ngakho injabulo yakhe sibonile ukuthi njengoba esezoba umzali kungakuhle lokho sike sikulethele abantu kwithelevishini sibone ukuthi abalandeli bakhe bazokujabulela kangakanani. Ababukeli bazobona izikhathi ezimnandi nezingezinhle zalolu hambo lokufuna izingane njengengxenye yokufezekisa amaphupho akhe,” kusho uShirley.
Kulolu hlelo kuvele ukuthi uMoshe uzobonakala nonina kanye nabangani bakhe abasondelene naye.
Kwenzeka lokhu nje kulesi siteshi ziningi izinhlelo ezintsha eziza kuso.
Kusuka ngoJanuwari 8 kuza umdlalo omusha othi S’phiwo.
Kuwona kuzolingisa phambili izintokazi ezisencane uZeno Maseko (Nothando) noNozuko Ncayiyane (Zodwa).
Ezinye izinhlelo ezibuyayo uhlelo i-Abandoned, ngoJanuwari 9, noluzokwethulwa uPhumeza ‘MaTshezi’ Shoba.
KuMzansi Wethu(163) amakhosikazi kaMseleku, uMaCele noMaKhumalo kusuka ngoJanuwari 14 bashaya ibuya nohlelo lwabo oluthi Ezemishado.