INTOKAZI esingene yathi shi kwezokulingisa, uMapule Ngobese odume ngeleNdlovukazi Mapule, ithe isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane yisona esimenze wenza umdlao weshashalazi oqondiswe wuMbongeni Ngema ozoqala ukukhonjiswa ngale nyanga yabesifazane.
UMapule ukusho lokhu njengoba lomdlalo othi Omama Abahlobisi Bomhlaba, uzoqala ukukhonjiswa ePlayhouse, eThekwini, kusuka ngo-Agasti 10 kuya ku-Agasti 13. Uthe unethemba lokuthi ngelinye ilanga uzoba yifilimu egqugquzela ukuthi kusukunyelwe ukuhlukunyezwa kwabesifazane.
Kuwona abesifazane bazoxoxa izindaba ezihlukene zokuhlukunyezwa abakuthola emshadweni, ebudlelwaneni bezothando, emsebenzini ngisho emindenini abazalwa kuyo.
“Ukuzibona la sikhona manje kusho lukhulu futhi sibheke ekutheni manje siwenze ifilimu lo mdlalo. Kuwona sixoxa izindaba ezihlukene ezithinta abesifazane. Okujabulisa nakakhulu ngawo ukuthi siwenze ngenyanga yabesifazane nesifuna ulethe umyalezo ojulile kubantu abaningi.
“Sisebenze nabesifazane abenza ubuhlalu, abadayisa amaphinifa, izinkamba namacansi emigwaqweni yeTheku. Kahle kahle ngangihlose ukubhala incwadi kodwa kula ngithole okuningi nakubo abahlukumezile, sabathatha sabafaka kulo mdlalo,” kusho yena.
Uveze ukuthi yize bekhona abalingisi abambalwa abadumile abazobonakala kulo mdlalo kodwa bakhona nabanye abasebenza nabo kudala abakwazile ukulingisa baqhubeka basebenza nabo.
“Kukhona abesifazane abaqhamuka ngaphansi kwenhlangano eyaziwa ngokuthi iseSigodlweni seNdlovukazi, esiqhubekile nokusebenza nabo. Ukuhloniphana nje ezweni ikhona esizokugqamisa kulo mdlalo futhi siyabonga ukusebenza nabesilisa abafana noMbongeni abalwa nalesi sihlava,” kuchaza yena.
Uthe okunye okuzogqama ukuthi abantu babe nesandla esingakanani ekukhuliseni umnotho wesifundazwe besebenzisa izandla zabo.