UMLINGISI waselokishini okubatshazwa kulo ubugebengu kulezi zinsuku iNanda, eThekwini, u-Anele Nene, uthi uma yena ephume khona waba wutho uyakholelwa ekutheni baningi abangenza okufanayo ukuze iNanda ibuyelwe isithunzi.
U-Anele ungomunye wabalingisi abasha emdlalweni Ushaka-Ilembe, isizini yesibili ezoqala ngoJuni 15, kuMzansi Magic, ngo-8 ebusuku.
Kule sizini u-Anele uzobe elingisa indawo kaSikhunyana ongenye yamadodana kaZwide okuyindawo elingiswa uWiseman Mncube.
Ekhuluma neSolezwe, u-Anele uveze ukuthi kufezeke iphupho lakhe njengoba akukhulekela ukuba yingxenye yomdlalo usaqala.
Kulo mkhakha wokulingisa uthe ubesematasa nemidlalo yeshashalazi.
“Ngiqale ukuzama ukungena kulo mdlalo kwisizini yokuqala, kodwa angangathathwa. Ngiphindile ngayizama inhlanhla ngase ngiyayithola indawo. USikhunyana ungenye yamadodana asekhulile kaZwide. Yize isizwe sakubo sibhekene nempi kodwa ukhaliphile ngenxa yokuthi akafuni ukuthi njalo bazithole belwa. Uyinjini yomndeni okugcwele kuwo izixhwanguxhwangu. Ngaso sonke isikhathi uma befuna kube nempi yena uyazama ukuthi avimbe ukuchitheka kwegazi okungenzeka,” kusho u-Anele.
Uthe iphupho lakhe ukuthi abe yisibonelo entsheni yaselokishini aqhamuka kulo, azi kahle ukuthi linegama elibi.
“ENanda mina ngiyakholelwa ekutheni kuningi okusengashintsha uma thina esiqhamuka khona, siphumelela singabhukula sibuyele siyokhuthaza abahlala khona. Kungenzeka ukufika kwami kushintshe umqondo womuntu obeselahle ithemba ngempilo yakhe. Kumelwe silwe nesihlava sobugebengu kuleli lokishi, lidume kabi kuleli lonke," usho kanje.
Kwabanye abalingisi abethuliwe kubalwa uZamani Mbatha, Luyanda Zuma, Amanda Seome noSikhanyiso Sithole.
UZamani uzobe elingisa indawo kaNomahlanjana, naye oyindodana kaZwide kodwa ethanda ukuthi njalo kube nempi.
ULuyanda uzobe elingisa indawo kaLiyana, okuyintokazi esebenza ngaphansi kweNdlovukazi uMthaniya.
U-Amanda uzobe elingisa indawo kaNtombazana oyindodakazi kaZwide, oveze ukuthi waphuka inhliziyo ngesikhathi ezama inhlanhla kulo mdlalo ngesizini yokuqala njengoba engathathwanga.
Le ntokazi yaseSwatini, ithe kube nzima ukuthi ikhulume ilimi lwesiZulu, njengoba bekumele ixube isiSwati nesiZulu. USikhanyiso Sithole uzobe elingisa indawo yoMntwana uHletjiwe, ofika esizweni sakwaZwide ephuma ebukhosini baKwaNgwane kodwa azithole esethandana namadodana kaZwide womabili.