ISIHLABANI se-hip hop ne-Afro soul, uJabulani "Sjava" Hadebe, sizozungeza elakuleli, sihamba sikhangisa ngezingoma ezasakhela udumo ngo-2018.
USjava, odabuka eBergville, uzoqala lolu chungechunge lwamakhonsathi akhe eGreen Point Salesians AFC, eCape Town ngoMashi 30. Lo mlingisi wodumo kwiZone 14 nakwiHostela uzosuka eWestern Cape, abhekise amabombo akhe esifundazweni angumsinsi wokuzimilela kuso, iKwaZulu-Natal njengoba ezonandisa ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini ngo-Ephreli 11 no-12.
Uzodlulela eState Theatre ePitoli ngoMeyi 23 no-24, aqhubekele eSand Du Plessis Theatre, eBloemfontein ngoJuni 6 naseJoburg Theatre, eGoli ngo-Agasti 15 no-16 bese imbenge iphothulwa ePlaytsogo Dome, eMalahleni, eMpumalanga ngoSepthemba 20.
Ngo-2018 uSjava wavelela ngokukhipha unqambothi oluthi Umphako, okuyi-extended play (EP) noluthi Umqhele (okuyi-albhamu egcwele). Yilowo nyaka uSjava ahlabana khona ngomklomelo kuma-BET Awards futhi wapikwa uKendrik Lamar ebikeni lefilimu yodumo i-Black Panther.
Ngakho abazohambela le micimbi bazoba nenhlanhla yokuzitika ngenoni likaSjava elithi Abangani nelithi Ikhandlela.
USjava, osanda kukhipha i-EP ne-DVD esihloko sithi Inkanyezi, uthe iyamangalisa indlela axhumana ngayo nabalandeli bomculo wakhe.
Uthe amakhonsathi yiwona amxhumanisa kahle nabalandeli bakhe.
"Ngisho nangezikhathi ezinzima, ukwabelana kwami nezihlwele yikho okunginikeza umfutho."
Lolu chungechunge lulandela obelubizwa nge-Isibuko Tour ne-2016 Tour, okuyimicimbi ebingo-2023 nango-2024.
Kule micimbi kwagcwala phama kwaze kwasweleka indawo yokunyathela.