UKUFAKA ezinkundleni zokuxhumana kukaMphrofethi, uShepherd Bushiri, i-video edansa nendlovukazi yomculo wokholo, uRebecca Malope, kuyidonsele amanzi ngomsele indlovukazi njengoba abantu bekhwela bedilika kuyo.
UBushiri ongumfundisi waseMalawi nomkakhe uMary Bushiri, babaleka kuleli ngo-2020, kulandela ukukhishwa yinkantolo ngebheyili ngemuva kokuboshelwa amacala ahlukahlukene.
Kumanje bagqigqa enkantolo yakuleliya zwe ngoba elakuleli lifuna babuye bazobhekana namacala.
NgeSonto, uBushiri ufake i-video ku-X edansa noRebecca esiteji ecula ingoma ethi Don’t Let Die.
Kusuka lapho, abantu bakhwele badilika kuRebecca, abanye bethi kumele angabe esanakwa ngesikhathi abanye bethi ubenza umsebenzi wakhe.
Nokho uRebecca ekhuluma neSolezwe izolo ekuseni, uvele wahleka ebuzwa nge-video wathi indala.
“Uyazi eMalawi bengiye khona, ngicabanga ukuthi eminyakeni emibili edlule. Ngangiyocula khona. Umfundisi lo uBhushiri wafika ekhonsathini yami ngezwa abantu bememeza bethi “hhe ubani lo ongenayo” kanti wuye. Bengingekho eMalawi. Ngiyezwa abantu besho bethi “hheyi ubuseMalawi”,” kusho uRebecca.
Ngokwama-video ekhasini lakhe ku-Instagram, kuvela ukuthi waya eMalawi ngoSepthemba 2023.
Uthe yena ubenandisa eCarnival City ngoMgqibelo, kunefestivali ebibophele oBenjamin Dube, Dumi Mkokstad, Xolly Mncwango, Ntokozo Mbambo, Sbu Noah nabanye.
“Abantu abehlise umoya bengingayanga ndawo ngePhasika, bengilana ekhaya ngaziyela enkonzweni. Ngabuya ngabe sengiyocula eCarnival City. Abakubonile yinto yaseminyakeni emibili edlule. Angilazi nesonto likaBushiri ukuthi limi kanjani. Ngisho kwalana eNingizimu Afrika angikaze ngiye esontweni lakhe. Ungumlandeli omkhulu uthanda ingoma yami ethi “Look at me and answer my prayer”. Cishe yingakho afika nasekhonsathini yami eMalawi. Kodwa ngisho umnyango wesonto lakhe angiwazi,” kusho uRebecca.
Uthe uzihlalele ekhaya uthunga ingubo azoyigqoka kumaMetro FM Music Awards azoba seMpumalanga ngoMeyi 3.
Uthe okwamanje usazithungela yena akakadayiseli abantu.
Khonamanjalo kusuke umsindo ngokuhambela kukaNobhalala Jikelele weqembu iMK, uMnuz Floyd Shivambu, ebandleni likaBushiri.
Uhambo lukaShivambu lwangempelasonto luhlukanise phakathi amalungu eqembu njengoba kukhona abafuna ukuthi athathelwe izinyathelo, kanti abanye bathi alikho iphutha alenzile.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uShivambu akazange abazise ngohambo lwakhe.
"Ubengamele inhlangano. Siyawuhlonipha kakhulu umthetho. Yingakho noZuma (umholi weMK) engazange abaleke ngesikhathi ethweswa amacala angekho. Asihambisani nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane."
UNgqongqoshe wezoBulungiswa, uNksz Mmamoloko Kubayi, uthe uShivambu ukhombise ukungawuhloniphi umthetho wakuleli.