UQOLOTHAKAMANGO womculi kamaskandi, uZibokwakhe "Phuzekhemisi" Mnyandu, ubonga abantu ngokumeseka kule minyaka aseyichithe emculweni ngokusiza abaculi abasakhula.
UPhuzekhemisi uneminyaka engu-45 esemculweni njengoba engene ngo-1980. Uzakhele udumo ngengoma yakhe ethi Imbizo. Manje usesungule inhlangano Imbizo Foundation azofukula ngayo abaculi abasazama ukuzakhela igama.
"Ingoma Imbizo ngayikhipha ngo-1990, kwaziqondanela nje ukuthi abantu bayithakasele okuyinto esenzeka namanje. Kwakuyizikhathi zepolitiki, kuliwa nohulumeni wobandlululo nezimbizo zidla lubi, abantu bayithanda. Ngibone kungcono kube yilo igama engilisebenzisa ukuqamba ngalo inhlangano," kusho uPhuzekhemisi.
Akamusha ekusizeni abanye abaculi njengoba ebe nesandla ekugqamiseni oPhathekile, Kiss Mantombazane, Ichwane Lebhaca, Nonkasha, Nyon'emhlophe, Ngeney'ntweni nabanye.
Uthe manje usezohambela izwe lonke evumbulula abaculi abasafufusa azobasiza ngokubaveza ebantwini, bese kuba kubo ukuthi bafuna ukungena ngaphansi kwenkampani yokuqopha noma bazozimela.
"Sifuna umculi owenza umculo omnandi noma ngabe owokholo, umaskandi noma yini uma kuyisintu nje. Kungaba ngisho yisiShangane, isiSuthu noma isiNdebele inqobo nje uma kuyinto ezothandwa abantu. Siyabavumbulula bese sibonisana nezinkampani ezifana neGallo ukuthi zibathathe, hhayi ukuthi babe ngaphansi kwethu," kuchaza uPhuzekhemisi.
Uthe izinkampani ezinkulu azisenaso isikhathi sokuhamba zithungatha abaculi, kunalokho zifuna ukulethelwa asebeqalile benza iminyakazo.
Uveze ukuthi ngisho kungaba umculi oke wazama kodwa wahluleka bazomsiza uma behlangana naye ukuze agcine ephumelele.
"Lokhu esikwenzayo kuwukubuyisela emphakathini, akukho okuningi esikutholayo thina. Abazozuza yilabo esizobasiza. Njengamanje siyazenzela, sihamba singqongqoza. Sibona kungcono siqhubeke, abaxhasi basithole ngendlela."
Uthe lo msebenzi ngeke uwuphazamise owakhe wokuqopha. Ngonyaka odlule, ukhiphe i-albhamu Ipolitiki, athe iqhuba kahle ngokudlalwa nangokuthengwa ezitolo zomculo za-online.