UMCULO kamaskandi kuliwe ukuze ufike kuleli zinga okulo. Kubhukule abaculi abanjengoShwi NoMtekhala ngengoma ethi Ngafa, Ihhashi Elimhlophe ngoMuntuza, uPhuzekhemisi ngethi Imbizo, uMfiliseni Magubane ngoThenjiwe nabanye.
Lezi zinsizwa zifike zawufaka lo mculo emalokishini nakwezinye izinhlanga ngengoma.
Kulezi zinsuku lo mculo ubukeka wehlelwa yisithunzi ngenxa yabantu abazothatha amashansi kuwo abanjengoDalac Wodumo.
Leli bhimbi lifika namanyala kumaskandi. Nesihloko nje sisodwa. Bakhwelana Ngikhona. Udoti muni nje lowo?
Besicela abathi bayawuthanda lo mculo benze okuthize ngala mavila anqena ukuyofesa bese ezobanga isiminyaminya kumaskandi.