BEZWA amanzi ngobhoko abeJoyous Celebration nabe-African Bank ngenkonzo yePhasika ebizwa ngeJoyous Easter Megafest, ezoba se-ICC, eThekwini ngempelasonto.
Oyisikhulu esiphezulu kwezokuxhumana e-African Bank, uNksz Mikateko Chauke muva nje uthe uhambo lweJoyous, kusukela isungulwa nempulelelo yayo kuleminyaka engu-27, iyahambisana nabakholelwa kukhona beyibhange.
“IJoyous isijabulise abantu ngokubelapha nasemoyeni ngomculo wokholo iminyaka engaphezu kuka 27.
“Njengebhange elithanda ukwelapha abantu ngezinkinga zezimali, kuyintokozo enkulu ukumemezela ukuthi sizosebenzisana neJoyous, ukwenza umcimbi weMegafest ubeyimpumelelo.
“Inhloso yokuxhasa lomcimbi wukubuyisela emphakathini, nokubungaza amagugu akithi. Akukho okuhle okudlula, ukusebenzisana neqembu lo mculo elinomlando omuhle kangaka,” kusho, uNksz Chauke.
Eqhuba, uthe noma ukusebenzisana neJoyous, kuzoba ngeMegafest kuphela, kodwa umphumela walo mcimbi yiwona ozocacisa ukuthi ukubambisana kuzoqhubeka yini.
“Singakhohlwa wukuthi iJoyous, ibambisene nabakwaMTN, thina sisebenzisana nayo ngeMegafest, kodwa nokusebenzisana emva kwalomcimbi, ngeke sikuvalele ngaphandle. Okuningi kusaxoxwa, singajabula uma kungaqhubeka ukusebenzisana,” kuphetha uNksz Chauke.
Omunye wabasunguli beJoyous Celebration, uLindelani Mkhize uthe uzizwa ethobekile ngokusebenzisana nabe-African Bank.
“Ngijabule kakhulu ukuthi babone kufanele ukuthi babungaze nathi, ukwethulwa kwe- albhamu ka-27 neminyaka eminingi kangaka sisemculweni.
“Kuningi esisaxoxisana ngakho nebhange siyathemba ukuthi, noma usudlulile lo mcimbi sizoqhubeka sisebenzisane,“ kubeka uMkhize.
Lo mcimbi wePhasika, uzoba izinsuku ezintathu, kusuka ngoLwesihlanu, Ephreli 7 kuze kushaye iSonto, Ephreli 9. Kuzobe kwethulwa i albhamu, kuphinde kubungazwe iminyaka engu 27, iJoyous Celebration isemculweni.