ZIYAMBHEDELA izinto umculi kamaskandi oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngomucu othi Hit After Hit nosephenduke umqoqi wezindondo, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu, njengoba engasabonwa nangokhalo kwiTop 6 esembangweni kaR100 000.
UGatsheni wasoPhongolo usanda kuqopha umlando ngokuqumba phansi intokazi ehlabane ngeGrammy Award, uTyla, emkhakheni weBest Newcomer kumaCultural and Creative Industry Awards eSandton Convention Centre, eGoli ngoMashi 30.
Muva nje uGatsheni uphinde waqwaqwada bonke omaskandi abeqhathwe nabo kwiTop 30 yeMother of All Maskandi Festival ebisePeople's Park, eThekwini. Sekungumlando ukuthi uGatsheni wakhala wemuka neQuantum.
Nakuba kunjalo, kwiTop 6 ka-Group A kwiKhuphuka Nezakho Maskandi Festival uGatsheni usenyamalele.
Phambili kuhleli umculi waseMid Illovo, uSbonelelo "Ithwasa Lekhansela" Majola.
Ezithendeni zeThwasa, kukhona Amavikelambuso, okuyiqembu eliholwa nguKhayelihle “Potso” Ngobese waseMnambithi. Endaweni yesithathu kukhona uMphile “Sminofu” Gumede wakwaHlabisa.
Isihlabani sikamaskandi saseJolivet, eSouth Coast, uSbusiso “Bahubhe” Mkhize, sisendaweni yesine. Kweyesihlanu kukhona uSphesihle "Ithole Lendidane" Gcwensa waseMsinga futhi ongumholi waMageza Amahle bese kweyesithupha kube nomculi waseVryheid, uSeluleko "Dumakahle" Nkosi.
Abanye abaculi abeke balunguza kuleTop 6 kodwa abangasekho ngumculi waseMsinga, uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini nowaseNkandla, uNjoko “Ihobosha” Mbambo.
KwiTop 3 yeGroup B kuhleli kusahamba phambili uMenzi Mabizela waseMnambithi, olandelwa wuLuve Dubuzane wasoLundi noLimit Nala (okungatholakalanga ukuthi udabuka kuyiphi indawo). Lezi zinsizwa zibanga isamba sikaR50 000.
Umgqugquzeli weKhuphuka Nezakho, uLungelo "Ngelo V" Vilane, uthe ezinye izimemezelo ezinohlonzo uzozidalula namuhla futhi wagqugquzele abalandeli bala maqhawe ukuba baqhubeke nokuthenga amathikithi abhalwe izintandokazi zabo ezitolo ukuze zidle umhlanganiso.
Uthe ithikithi elithengwa esangweni ngeke lize libalwe emavotini.
"Thenga ithikithi lakho ezitolo. Kuleli sonto kuningi kakhulu okuzomenyezelwa ngomcimbi. Hlala uthule, ulinde. Isukile. Akutatazelwa. Akujahwe washi," kuphetha uNgelo V.
Le ndumezulu yomcimbi izobanjelwa eCurries Fountain Stadium, eThekwini ngoMeyi 4.
Amathikithi asatholakala ezitolo ngo-R200, R650 nango-R900.