UZIMISELE ukubuyisa uhlobo lomculo wekwaito elalenziwa amaqembu afana neBig Nuz, uSamkelo Memela odume ngelikaGadaffi Somgada wasoFafa, eXobho.
Lo mculi osezinze eThekwini, uthe ukufaka izingoma zakhe enkundleni iTikTok kumenze wabona abantu bethi akazikhiphe, ezindaweni zokudayisa umculo izingoma zakhe ngoba isigqi zaso zibakhumbuza iBig Nuz.
NgoMashi 4, ube esekhipha ingoma ethi Umzimba Ukhala Imali athi usebenze kuyo noDJ abahlukene okukhona kubo uSpace Boy neMthethwa Boyz.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi ufuna ukubuyisa isigqi sekwaito yakudala nabona sishabalala.
“Ngiwumculi osesebenze kanzima ukuthi ngifinyelele la ngikhona. Iphupho lami ukuthi ngisebenze nabaculi abakhulu njengoba nginephupho lokuphinde ngibuyise umculo wekwaito endala. Ingoma lena yesihlanu engiyikhiphayo, ngihlele ukuthi ngoJuni ngikhiphe i-EP izingoma zakhona esezikhona. Kuyona ngifuna ukuxuba nesigqi se-piano ngoba nawo lowo mkhakha ngifuna ukuwusebenzisa ngenxa yokuthi intsha iyawuthanda. Ngingabatshela abanye abaculi abasakhula njengami ukuthi abayisebenzise iTikTok ngoba nami ingisizile izingoma engizikhiphayo zaziwe,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi okunye akuhlelayo ukubuyela eXobho la azalwa khona ngenyanga yentsha uJuni, ayokwenza umcimbi ngenxa yokuthi kule ndawo sekuhlasele izigameko ezibathusayo.
“Ngalowo mcimbi ngifuna ukuyokhuluma nentsha ngezinto engizibona zenzeka emphakathini. Ngifuna ukuthola inhlangano engizohambisana nayo ukuze senze into ezohambisana nokubaqwashisa ngezidakamizwa, ubugebengu, ikakhulu bokutshontshwa kwemfuyo nokunye,” kuchaza yena.
Uthe nabanye abaculi abakhulu uyafisa ukuhamba nabo kulolu hambo lokuya ngasekhaya kubo ukuze intsha ikhuthazeke.