UMCULI wodumo lwengoma kaBig Zulu ethi, Umuzi eSandton, uLwah Ndlunkulu, uthi uzokwendlalela i-albhamu entsha ngengoma ethi Ngiyeza.
ULwah Ndlunkulu (22) nokuyigama adume ngalo emculweni, okhule enguLwandile Mtshali, uzokhipha ingoma ngoLwesihlanu, ngemva kokuthakaselwa kwesiqeshana sayo asifake kwiTikTok ngeledlule.
“Wumkhuba wami vele ukuqala kwiTikTok ukuhlola ukuthi ingoma engicabanga ukuyikhipha bayayithanda yini abantu. NangeNgiyeza ngenze okufanayo njengoba sengiyikhipha manje,” kuchaza uLwah Ndlunkulu waseHluhluwe.
FUNDA NALOLU DABA: Amaciko akhala ngenkokhelo yomncintiswano woKhozi
Echaza ngengoma ephrojuswe nguXowla, obuye wamlekelela nasekubhaleni, noBig Zulu, uthe ikhuluma ngowesifazane othandana nendoda engenamali - okuthi noma abantu beyigxibha, angezwa mshini.
“Ikhuthaza abantu besifazane ukuthanda abantu babo noma ngabe basokola kangakanani. Bawe bevuka nabo baze bakwazi ukubalobola nokubashada,” kuchaza uLwah Ndlunkulu.
Akaqali ukukhiqiza ingoma uLwah, useke wakhipha ezinye okubalwa nethi Home, apike kuyo uSjava, nethi Ithuba apike kuyo uSiya Ntuli. ULwah uthembise abalandeli bakhe ukuthi ukwenza kahle kweNgiyeza, kumkhuthaza ukuthi aphuthumise i-albhamu yokuqala aphezu kwayo.
“NgeNgiyeza ngifuna ukubona ukuthi abalandeli bami bathembeke kangakanani kimi. Isifiso sami wukuthi idayise i-platinum zingakapheli izinyanga ezimbili, ukuze ngikhuthale ukuhlanganisa i-albhamu yami yokuqala ezophuma noma kanjani nonyaka,” kusho uLwah Ndlunkulu oveze ukuthi ufisa ukushaya ingoma nomculi waphesheya uRihanna, amuzwa ngaphakathi.