UMBHALI futhi onguphrojusa wemidlalo yethelevishini, uChris Q Radebe ukholwa wukuthi ukubhala nokuphrojusa imidlalo yethelevishini wumsebenzi onzima ukwedlula ukulingisa.
UChris (40) udabuka eTshenilenduna, ngaseHighflats, ogwini oluseNingizimu Afrika. Usezakhele udumo ngemidlalo yakhe ehlukene yethelevishini okungethi Isifiso, Icala nosematheni kulezi zinsuku, wamahlaya wakwiShowmax, othi One Weeks.
Elandisa ngobuciko bokubhala iziqephu zemidlalo eyahlukene, okuyiyona ndlela angene ngayo kule ndima ngo-2010, uthe ubona abalingisi benomsebenzi olula kakhulu ngoba bafika yonke into isibhaliwe, babhekana nokulingisa kuphela.
“Okwethu thina esibhalayo kulukhuni kakhulu ngoba sihlalelwe wumsebenzi wokungena ezicathulweni zabo bonke abalingiswa esibabhalelayo, konke lokho sikwenza ngesikhathi esisodwa. Kumele ucabange njengabo bonke, ngokwehlukana kweminyaka nezigaba zabo zokuphila. Yilokho okwenza kube nzima kakhulu kunokwabalingisi, bona abafika sesibhalile bese bebhekana nokufunda esikushoyo, balandele khona kuphela,” kusho uChris.
Eqhuba, udalule ukuthi kuyenzeka ukuthi ukubhala isiqephu esisodwa somdlalo kuthathe inyanga yonke ngenxa yokuthi kudinga ucwaninge ngezinto eziningi ezithinta izigameko zokuzobe kwenzeka emdlalweni nakubalingisi bawo.
“Yingakho kwesinye isikhathi ubone eminye imidlalo ingasenzi kahle ngoba ibhalelwa ngababhali ababodwa, engicabanga ukuthi abasitholi isikhathi esanele sokuphumula ngenxa yomsebenzi omningi ababhekene nawo. Ngenye yezinto leyo okumele siyilungise, yokuthi sizikalele umthamo womsebenzi esingakwazi ukuwenza ngesikhathi esisodwa, nakuba kungelula ngoba phela abantu bafuna imali yokuziphilisa,” usho kanje.
Leli ciko aligcini ngokubhala kuphela, njengoba like labonakala lilingisa emidlalweni okukhona kuyona Isithembiso, Isibaya, Ifalakhe noShaka iLembe. Nokho kulona, ukubhala yikhona elikuzwa ekhaleni futhi elizibona linekhono kakhulu kukho.
“Ukubhala yiwona msebenzi engiwenza nsuku zonke futhi kusekuningi okuhle engizobonakala ngikwenza kule ndima, kubalwa nokufukula ababhali abasafufusa, uma sengithole isikhathi salokho ngoba ngisabanjwe wumsebenzi manje, okwenza ngingakwazi ukwena lutho olunye,” kusho uChris.
Ucebise ababhali nophrojusa bemidlalo yethelevishini ukukhuthalela ukuhlangana, babhunge ngamacebo okwenza abantu bakhuthalele ukubuka imidlalo abayikhiqizayo.
UChris ungene kule ndima emva kokunqoba umncintiswano wokuhlwaya ithalente lababhali owawenziwe yi-Rhythm City ngo-2010. Uke waba yi-storyliner kwiSibaya ngo-2014, kwase kwathi ngo-2015 waba yi-scriptwriter kwi-Rhythm City.
Eminye imidlalo aseke wabamba iqhaza ekubhalweni kweziqephu zayo yi-The Queen, Uzalo, The Throne, The River, Abomzala, Task Force noMkhokha: The Curse.