UMLINGISI kulezi zinsuku obonakala emdlalweni Uzalo, uthe unesifiso sokushintsha impilo yakhe kanjalo neyomndeni wakhe ngalo mkhakha.
ULungani Mabaso uzophinde agqame emdlalweni Ishaka-Ilembe, isizini yawo yesibili ezoqala ngoJuni 15 kuMzansi Magic, ngo-8 ebusuku.
Kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kaNcoboka, ongomunye wabangani beSilo, uShaka.
Ekhuluma neSolezwe uLungani uveze ukuthi umlando wokuba kulo mdlalo ufisa ukuthi ngelinye ilanga izingane zakhe ziwubone.
"Yize indawo yami ibingagqamile ngesizini yokuqala, kodwa manje izogqama njengoba uShaka ezobe esebhekene nezinto eziningi. UNcoboka uzobonakala emkhuza ezintweni ezithinta izinqumo njengoba sazi ukuthi uyinsizwa enenhliziyo encane ngenxa yedlela ekhule ngayo, kodwa ukuba khona kwabantu abafana noNcoboka bambonise ngezinye izikhathi kuyamsiza. Kodwa naye uNcoboka kokunye uzwelo luyamphelela avele ayivubele impi, kodwa nje bangabangani abakhulu abazobonakala besebenza ndawonye," kuchaza uLungani.
Uveze ukuthi ukuba kulo mdlalo kuye kusho ukuthi isizukulwane esizayo siyolokhu sazile ngomlando kaZulu, ongeke uze ulibaleke kalula.
"Ukuba kulo mdlalo nabantu abamnkantshubomvu nakho nje kusho lukhulu kimi, akugcinanga lapho ngoba kuthe lapho sesiqopha ngibona indlela ebesibaningi ngayo ngazigqaja ngokuba yingxenye yalo mdlalo. Ukuthola amathuba ahlukene emkhakheni wokulingisa kungibuyisele ithemba njengoba ngifuna ukushintsha isimo sasekhaya kanjalo ngiphinde ngondle umama nobaba," kuchaza yena.
Uthe omunye umdlalo akuwona Uzalo lapho esizakale khona ngesikhathi beqopha umdlalo Ushaka-Ilembe, ngoba kuningi abekufunda kozakwabo akuthathe akulethe endaweni ayilingisa kuZalo.
Uveze ukuthi akufisayo manje wukuqhubeka nokubonakala emidlalweni ehlukene ukuze agqamise ithalente lakhe.