UMHLELI womcimbi waminyaka yonke kamaskandi Impucuzeko Maskandi Festival ebise-People’s Park, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo, ubonge ukwesekwa kule minyaka engu-11 bewenza.
Kulo mcimbi obuye uteketiswe nge-World Cup, abantu bebephume ngobuningi babo futhi bengazincishi ngokudansa nokucula nabaculi ababathandayo.
Phakathi kwezicukuthwane ebezikhona kubalwa iPhini likaMengameli we-IFP futhi elinguNgqongqoshe weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, Inkosi Mzamo Buthelezi.
Phakathi kwabaculi abebeshiyelana inkundla kubalwa kubo uSmirnoff, Khuzani, Qhoshangokwenzakwakhe, Thokozani Langa, Izingane Zoma, Cevuzile, Mbuzeni, Gatsheni, Mayoghurt nabanye abaningi.
Imizamo yokuthola ukuphawula komhleli womcimbi, uXolani Mcineka, ayiphumelelanga izolo njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Nokho ubhale kwi-Facebook ebonga bonke abeseke umcimbi.
“Ngithanda ukuqala ngala mazwi, uShembe uyama nomuntu, wethembekile futhi uyalimela igama lakhe. Mina ngiwubufakazi balokho obuqandula ikhanda. Bese ngibonga ithongo lasekhaya komama kaNcwane nelakithi eMaCinekeni, anifanga nina naguqa nje nabheka emsamo amandla enu ngiyofike ngiwababaze ngisho sengifike phambi kwenu… Naze nalenza iqiniso kwintandane yenu,” kusho yena.
Ubonge abalandeli bomculi kamaskandi nabaculi.
Ngibonge uMasipala weTheku ukuma nathi nokuqinisekisa ukuthi into yamabhinca bayibukela eduzane ngaso sonke isikhathi. Sibonge nabo bonke osisi nobhuti abamayo nathi ngaphansi kwazo zonke izimo, abavumi ukungenwa umoya womubi. UNkulunkulu akamngani wamuntu futhi akahlali emzini womuntu. Siyabonga kakhulu sizwe sakithi esimnyama.”