INDLOVUKAZI yomculo wegqom' uBongekile "Babes Wodumo" Simelane, ikuneke obala okuyenza iphenduke inkomo edla yodwa.
Lokhu kuyaqapheleka ngoba isagqigqa eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, lapho ibhekene necala lokushaya umsiki wengqephu, uPhilile "Philly" Mhlongo weSK Designs. Uma engaphelezelwa nguyise uMfundisi Simelane, kuba ngabantu besilisa ababili, okusoleka ukuthi ngabadansi bakhe.
Ekhuluma bukhoma kuTikTok, uBabes uthe ubenenqwaba yabangani ngesikhathi kusaphila umyeni wakhe, uMandla "Mampintsha" Maphumulo, wodumo kwiBig NUZ. Uqhube wathi abangani baqale ukumhlamuka emuva kokuba evule ifoni kaMampintsha, kwavela ukuthi abanye abezitshela ukuthi bangabangani bakhe, bebemudla izithende kuMampintsha.
"Mina abangani nami besengibathathisa okosisi bami kanti bayangimonazela. Iningi labangani bami lathi uma libona udumo, labona sekunohlelo lwethelevishini lazibonela into ezobagqamisa. Lapho mina ngidinga uthando kubona, ngesikhathi esehambile uMandla."
UBabes uthe babethi uma befika abangani bakhe, azitshele ukuthi bazomduduza kanti bazifunela udumo.
"Emuva kwalokho akekho owabuya wazobuza ukuthi uSpontshi ukhokhelwa ngamalini esikoleni. Udlani? Useneminyaka emingaki. Kukhona obegubha usuku lwakhe lokuzalwa, wangangimema ngisho nokungimema kodwa mina ngihlale ngimphathisa okwesitatanyiswa. Ngimnikeza yonke into yami ethi mina."
Uthi usethola ukududuzeka kubazali bakhe kangangoba ngolunye usuku unina waze wathi kazi kuyokwenzeka njani uma kungashona bona njengoba eseyinhlwa.
"Kunabanye akade bengabangani bami bazana ngami, bamemana ephathini. Angikho mina. Angisho ukuthi kungiphathe kabi lokho kodwa iyona into engiphathe kabi ukuthi bazana ngami."
Uthe ubuye wayoduduza omunye obengumngani wakhe ngesikhathi eshonelwe wunina kodwa bafike bamnyokloloza kabi, bangamshaya ndiva futhi bembhuqa wagcina esezisola ukuthi ubeyaphi.
"Ngavalelisa emndenini wonke, ngathi sengiyahamba. Ngangena emotweni, ngahaga umngani wami. Bonke labantu bamazi ngami."
Uthe ngisho nabangani bakaMampintsha, abefundisa izingane zabo, ezisusa emabangeni aphansi aze azifinyelelise kuma-matric kodwa sebevele banyamalala.
Uthe abasambheki uSpontshi ngendlela uMampintsha ayenza ngayo ezinganeni zabangani bakhe. Njengoba ngoMashi 29 kuza uhlelo olukhuluma ngempilo kaBabes, iWena Wodumo, kuMoja Love ngo-8.30 ebusuku, sebeqalile abanye akade bengabangani ukuzombheka, bezozidlisa satshanyana.
Uthe usethathe isinqumo sokubavala bonke kuWhatsApp.
*UBabes ubuyela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu, lapho kuzobe sekuqala ukuqulwa kwecala lakhe.