UMCULI wokholo obehlele umcimbi eThekwini ngoMgqibelo ebusuku, u-Andile KaMajola, uthi uyaxolisa kubo bonke abaphazanyiswe wubuhixihixi obube khona.
U-Andile ubenze umcimbi iSuper Praise, eCentrum Park. Bekuhlelwe ukuthi uqale ngo-6 ntambama uze uphele ngo-6 ekuseni.
Amathikithi abebiza phakathi kukaR200 noR1 000.
“Umhla ka-31 wusuku olumatasa. Sibe nezingqinamba ngemizuzu yokugcina, ezibangele ukubambezeleka. Abafaka izinsiza zomcimbi bebematasa ezindaweni ezahlukene. Bengithi ngiyalwa bathi bazoqeda ngemuva kwamahora amabili bese beyeza,” kusho u-Andile.
Abanye babebekhona bathe kushaye isikhathi sokuqala komcimbi itende lingagxunyekiwe.
“Umcimbi uze waqala ngabo11 ebusuku. Into esenzele phansi wukubambezeleka esibe nakho ngoba abebeqashe indawo ngaphambi kwethu bekunezinto zabo abebengazigudluzanga. Itende sigcine sesilifaka zikhona. Ngilale khona enkundleni ngoLwesihlanu, bekunanezimoto ezipake khona kuthiwa zizosuka. Ofaka itende uma ethi uyafika akufakeki, udlulele kwenye indawo, wathi uma eqeda uzoza kimi,” kuchaza umculi.
Omunye wabaculi wabebesohlwini lwabazonandisa kodwa ongathandanga ukudalulwa, ukhale ngokungahleleki komcimbi.
“Umphakathi uyakhala. Wageja into yakhe wayeseyiphushe kahle kanje. Kwakukhonzwa kumiwe laphaya. Ngoba akazibulalanga ngiyabonga ngoba bekulukhuni. Abaculi nabo abathokozile. KwiWhatsApp bekukhulunywa ngaye. Abanye bakhala ngokungabaphenduli kahle,” kusho umculi.
Uthe abantu bafika ngesikhathi bama ngaphandle itende lingakagxunyekwa.
“Cishe kwashaya o-10.45 ebusuuku lingakavuki. Abanye babaculi bagcina sebesiza. Wake wakuzwaphi ukuthi umculi eqashelwe ukucula, agcina esengenisa abantu? Kwagcina kucule uLondi Nxumalo, Ncandweni Christ Ambassadors, Siya Nxumalo noJumbo. Abaningi bashiya,” kusho yena.
“Uyawathatha amashansi kakhulu. Uyakhumbula wake waphuma ngesihlalo esinamasondo eMabhida? Nomcimbi ake awenza ngeDurban July waba nezinkinga.”
Embhalweni osususiwe ekhasini likaThinah Zungu kwiFacebook, uthe bekumele u-Andile akhiphe isitatimende ngokwenzeke emcimbini.
“Kumele axolise futhi kubathandi bomculo wokholo, ayiyihle leya nto eyenzekile. Ngicela abamjwayele bamtshele ngoba mina ngimazela emaphepheni kodwa ubulala indima yethu.”
U-Andile uthe uThinah uyazidlalela ngoba ungumuntu owaziwayo ukuthi unamancoko.
“Nikuthathela phezulu yini okushiwo uZungu? Umuntu wamahlaya, ohlale ehlekisa ngesitezi. Akukho okunakwayo kuye. Ngimatasa kabi ukuthi nginganaka yena.”
Uqhube ngokudlulisa amazwi okuxolisa.
“Ngithanda ukuxolisa kubantu nabalandeli. Elami elikhulu wukuthi ngiyazithoba kakhulu. Asithandi ukuthi abantu bangaphatheki kahle uma sibabizile, ikakhulukazi ngoba amakhonsathi owokholo awamaningi, kumele ahambe kahle. Ngiyaxolisa. Kube ngaphezu kwamandla. Angicabangi ukuthi ukhona ongahlela into efuna ingaphumeleli.”
Uthe kuyaqala ukuthi umcimbi ubambezeleke ngamahora amahlanu kuya kwayisithupha, ufunde isifundo.
“Siyabonga kubaculi ababekezelile nabantu besibona isimo babambisana nathi. Umbono mkhulu kunephutha elenzakalile, siwafundile futhi siwabonile. Enye yezinto wukuthi kumele siqashe indawo kusasele izinsuku ezine ngaphambi komcimbi kodwa lokho kuyizindleko,” kusho u-Andile ongeze ngokuthi umcimbi uyabuya nakulo nyaka.