KUHLUKENE imibono ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi isiteshi sethelevishini, iMoja Love (157), simemezele ukuthi lukhuza ibuya uhlelo, iSizok’thola. Lolu hlelo seluzokwethulwa nguXolani Khumalo owazakhela igama ngesikhathi lusaqala njengoba lwaluhambela imiphakathi ehlukene, kuboshwe abadayisa izidakamizwa.
IMoja Love ikhiphe isitatimende izolo ngemuva kokuthi ngoMsombuluko iNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eKurhuleni, ihoxise amacala abhekene noXolani okwesikhashana.
Ubebhekene necala lokushona kukaRobert “Kicks” Varrie okuthiwa wadlula emhlabeni ngemuva kokushaywa esolwa ngokudayisa izidakamizwa ayezifihle emzini wakhe.
Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngesikhathi kuqoshwa uhlelo ngoJulayi, saphetha ngokushona kwalo mlisa okuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela, iThelle Mogoerane, eVosloorus, kwagcina kumenele.
Kwavulwa icala lokubulala. Yize uKhumalo azinikela emaphoyiseni wajikiswa ngoba icala lisaphenywa. NgoSepthemba wathola umbiko ovela wokuthi akazinikele emaphoyiseni.
Wazinikela wavela enkantolo, wadedelwa ngebheyili kaR20 000.
Ngesikhathi kuvela izindaba zokuboshwa kwakhe, iMoja Love yaziqhelelanisa naye nezigameko ezazimthinta.
Ngisho ukuqoshwa kwalolu hlelo kwama.
Esitatimendeni abasikhiphile baveze ukuthi isizini yesine yalolu hlelo ikhuza ibuya njengoba luzokwethulwa nguyena uXolani futhi uzoqhubeka nokulwa nobugebengu nokudayiswa kwezidakamizwa.
Inhloko kulesi siteshi, uLivhuwani Dangada, ithe uXolani uzakhele igama ngokwenza umsebenzi wakhe ngokuzimisela engasabi lutho, okwenze wathandwa ababukeli esiteshini sabo.
“Ukubuya kwakhe kuzoqhubeka nokuqinisa ukuzimisela kwesiteshi njengoba naso silwa nobugebengu obuhlukene obenzeka kuleli, ikakhulukazi bezidakamizwa ezilimaza umphakathi,” kusho uLivhuwani.
UXolani uthe kuye kufana nokubuyela ekhaya futhi ukujabulele ukuphinde athole ithuba lokubuyela kulesi siteshi.
“Ngijabulele ukuphinde ngihlangane nabalandeli bami kanjalo nokuqhakambisa ithalente enginalo,” kuchaza yena.
Baveze ukuthi bazomemezela maduzane ukuthi lubuya nini lolu hlelo.
Ezinkundleni zokuxhumana kukhona abazijabulele lezi zindaba, abanye bakhwela badilika kulesi siteshi besisola ngokulaxaza uXolani ngesikhathi eboshwa.
U-Advocate Minenhle Ngubane uthe: “Nahluleka ukumvikela nimbuyiselani?
UJuana Kubheka uthe: “Ngicabanga ukuthi iMoja Love ibimsiza thina singazi. Akuyona yonke kodwa into okumele niyimemezele”.
UMrTinyiko Matsambu uthe: “Uma kungakuhambeli kahle iMoja Love iyakulahla. UXolani ufanelwe abangani abangcono kunani”.
UTema Ncube uthe: “Bekungamele abuye azosebenza nani, bekumele aqale phansi impilo yakhe kude nani”.