BEBELOKHU betheleke njalo abefundisi, osomabhizinisi nosaziwayo, bezobhonga emswaneni emzini womhleli wamaCrown Gospel Music Awards uZanele Mbokazi, eLa-Mercy.
UZanele ushone ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kokulwa nesifo somdlavuza wamaphaphu aveza ukuthi unaso ngo-Ephreli kulo nyaka.
Kusuka ngoMsombuluko kuvela lezi zindaba abantu ngokuhlukana kwabo bebelokhu bethelekile emzini wakhe bezokhisana nomndeni.
UMbhishobhi uVusi Dube uveze ukuthi ukudlula kukaZanele emhlabeni kuthinte izinhlaka ezehlukene zamabandla hhayi zakuleli kuphela kodwa nasemazweni angaphandle okubalwa kuwo iNigeria, Swatini nakwamanye.
“Sife olwembiza ngokudlula emhlabeni kukaZanele, usizumile. Ukudlula kwakhe akuthintanga thina nje kuphela kodwa nabanye abefundisi bakwamanye amazwe. Sizolihlonipha futhi sihlale silikhumbula igalelo lakhe lokusungula amaCrown nelenze isifundazwe sakithi saba nedumela saphinde saziwa futhi kwase kusizakala amaciko,” kusho uDube.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, amaSiko nobuCiko uMnuz Mntomuhle Khawula, uthe yize okwamanje bengakazi ngezinhlelo zokufihla uZanele ezithinta uhulumeni kodwa banethemba lokuthi kukhona okuzoqhamuka.
Uchaze uZanele njengeNdlovukazi eyenze okuningi emculweni wokholo.
“Usebenzile uZanele, ubemncane ngomzimba kodwa imisebenzi yakhe ibe mikhulu. Akugcinanga kumaCrown, samazi emsakazweni nakhona enza okuhle kodwa, ngakho usebenzile futhi kumele sihlale simkhumbula ngemisebenzi yakhe,” kuchaza uKhawula.
Ebuzwa ukuthi umcimbi wamaCrown bazowubuyisa yini njengesifundazwe iKwaZulu-Natal njengoba ubuseGauteng, uKhawula uthe lolo hlelo basaluxoxa ngeke aphawule ngalo manje.
ULinda Sibiya owasebenza naye kuKhozi baze bahlukanisa unyaka ngo-1997 singena ku-1998, uthe kubuhlungu kakhulu kuye kodwa manje babungaza imisebenzi yakhe emihle.
“Eqala amaCrown ngangikhona. Siyayibonga imisebenzi yakhe, wenze imisebenzi emikhulu ngoba uNkulunkulu ubazi ukuthi uzomthatha maduzane,” kuchaza yena.
Abanye abahambele umndeni kubalwa uLaConco, Sibongiseni Mbambo, iMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba, Tzozo, DJ Sox, Nozipho Ngubo nabanye.