KUPHENYWA icala lokweba ngesigameko sokuntshontsha esenzeke estudiyo sokuqopha umculo sikaMthokozisi Khathi odume ngelikaDJ Tira.
UTira uveze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kugqekezwe, kwantshotshwa imishini abayisebenzisa ukuqopha estudiyo sakhe i-Afrotainment, eThekwini. Kule mishini uthe kugcwele izingoma akade besaziqopha.
Lokhu kudale ukuthi acele usizo lokufuniswa lemishini waze wakhipha umehlokaboni kaR20 000 waphinde wawengeza ngoR5000.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Robert Netshiunda, uthe baphenya icala lokugqekeza endaweni yokusebenzela esigamekweni esenzeke ngesonto eledlule.
Uthe icala livulwe ngoMgqibelo emaphoyiseni.
Ekhuluma neSolezwe unxuse ongaba nolwazi ngayo yonke imishini ethathwe estudiyo sakhe abalekelele.
“Namanje awukho umkhondo esisawutholile ngabenze lesi sigameko. Ngiyacela ukuthi abangaba nomkhondo basondele, basibikele ukuthi singazithola kuphi (izinto ezebiwe).
“Le mishini inomsebenzi ebesisawuqopha nobungakaphumeli emphakathini nesingalimala kakhulu uma kungathiwa uyalahleka.
“Udaba sengilubikile emaphoyiseni ophiko lwamaHawks kodwa ngase ngiyalela laba ababesebenza khona estudiyo ngobusuku okwenzeka ngaso isigameko ukuthi baye esiteshini samaphoyisa beyobika,” kusho uTira.
Uthe into ayikhalela kakhulu ihard drive, egcina ulwazi lomsebenzi wabo nokuyiyona eyinjini uma kusetshenzwa.
“Kubuhlungu abakwenze kimi, ngiyacela ukuthi abanosizo beze ngaphambili
Nasezinkundleni zokuxhumana amaciko amaningi abebhala, abekhala ngokuthi kubuyiswe ihard drive, njengoba kuyiyona ebalulekile.
Imizamo yokuthola okhulumela amaHawks KwaZulu-Natal uCaptain Simphiwe Mhlongo ayiphumelelanga ukuze aqinisekiso ukuthi nalolu phiko lubikelwe ngesigameko.