UPENNY Ntuli uthi bamfikisele ngosizi abalandeli bakhe baKwaZulu-Natal abamfonele ohlelweni lwakhe olusha iMid Morning Chat Show, engena ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-9 kuya ku-12 emini emsakazweni iJozi FM.
UPenny uqale kulo msakazo izolo kanti usayine inkontileka entsha nalo msakazo oseGoli ngemuva kokunganeliseki emsakazweni iGagasi FM.
Ngesonto eledlule kube nomkhulu umsindo uPenny eveza izindaba zokuthi uyashiya kuGagasi ngenxa yokungajabuli ngemali abezoyithola ngomsebenzi wakhe.
Ukuveza izindaba zokuthi ubehola imali encane kudale izinkulumo ezahlukene ezithinta lo msakazo, abalandeli bakhe bazwelana naye, abanye baze bamfunela umsebenzi.
NgoMsombuluko uPenny uveze izindaba zokuthi kukhona umsebenzi asewutholile eGoli futhi bathembisa ukumholela kahle. Uveze ukuthi useyingxenye yomsakazo iJozi FM.
Ekhuluma neSolezwe ngemuva kohlelo lwakhe lokuqala, uPenny ubekhala izinyembezi ethi kube uhlelo okungelula ukulenza ngenxa yokubona uxhaso alukhonjiswe abantu.
“Ngikhaliswa ukuthi abantu baseKZN lapho nginabalandeli abaningi khona bathathe isikhathi sabo bangilalela.
“Kufone omunye umlandeli wami okungumama omdala ongitshele ukuthi uyaziqhenya ngami futhi uzongilandela lapho ngiya khona. Lokhu kungifikisele ngosizi futhi ngabona ukuthi abantu bangithanda kanjani.
“Ngijabule ngokuba yingxenye yalo msakazo futhi kuningi engisazokufunda khona okuthinta imishini yabo nendlela yokusebenza,” kuchaza yena.
Uthe uyahamba uyohlala eGoli njengoba esezozinza khona ngoba umsebenzi usumningi khona.
“Ekhaya ngizobabona ngezimpelasonto njengoba nginomndeni khona. Okunye kunemicimbi eminingi engiqashwe kuyo manje ngakho ngisazobonakala ngenxa yemisebenzi ehlukene,” kuphetha uPenny.
Uveze ukuthi abalandeli bakhe ubafanisa nomndeni wakhe ngendlela abameseke ngayo kulesi sikhathi futhi konke okwenzekile kumenze wakhula.