UBHEKISIZWE "Calvinator" Mahlawe, ozakhele udumo ngendawo kaBen 10 onguPrince kuZalo, usesheba ukulingisa nokucula ikwaito. UCalvinator (35) uthe le misebenzi uyithanda yomibili ngenxa yokuthi yonke inendaba ayixoxa ngayo. Ingoma yakhe ethi Staggish uveze ukuthi ithinta kakhulu impilo yakhe.
"Ngale ngoma ngizethula kabusha kubantu. Ngiyazi iningi alazi ukuthi ngaqala emculweni ngisengasekhaya eMzimkhulu. Kwathi uma ngifika eGoli ngahlangabezana nezingqinamba."
Uthe ichaza kabanzi ngomzabalazo wakhe endimeni yezobuciko nokuthi yena umelane kanjani nezingqinambi zakhona. Uthe le ngoma ithandwa kakhulu kangangoba seyimandisele abalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
Udalule ukuthi okwenza enze ikwaito yingoba yilona hlobo lomculo aqala ngalo ukubhala izingoma.
"Yize ngingakwazi ukucula ezinye izinhlobo zomculo ezinjengama-piano negqom, kodwa ngikhethe ikwaito ngoba iyona engikwazi ukuzichaza ngayo."
Uthe umculo awuzomphazamisa ngoba usebenzisa isikhathi asitholayo.
"Njengamanje ngigxile kuZalo. Uma ngisahlabe ikhefu ekulingiseni, ngigudlukela emculweni. Uma ngisematasatasa nokulingisa, ngigxila kukho. Akuphazamiseki ukunandisa emicimbini ngoba isuke ingezimpelasonto."
Uthe usesebenzile nabantu abaningi abanjengoBhar, Character, Zola 7 kodwa usafisa ukusebenza nabanye abanjengoZakwe, Maphorisa noKabza De Small.
UCalvinator uzalelwe eMzimkhulu kodwa washonelwa ngabazali eneminyaka engu-8, okwamenza wakhuliswa yizingane zakubo. Uselingise emidlalweni eminingi yethelevishini okubalwa iRivoningo, Emoyeni, Sokhulu & Partners, Shreads & Dreams, Generations the Legacy, Isidingo neSoul City.