ISIHLABANI somculi wakuleli esazakhela udumo eqenjini iMicasa, sithi simagange ngokwethulela abantu waso omusha eThekwini.
Usho kanje uJ’Something, osekunesikhathi enganandisi neqembu lakhe ngemva kokuhlasela kweCovid-19 ezweni. Yize kunjalo kepha umculi akazange avumele umvalela ndlini umphazamise ngoba wahlanganisa izingoma eziwu-10, nokuyizo azibophele kwi-albhamu ethi, Indoor.
" I-Indoor yiyona eyanginika umfutho ngesikhathi somvalela ndlini yingakho isondele kakhulu enhliziyweni yami. Yanginikeza umhlahlandlela ngomsebenzi wami. Angisakwazi nokulinda ukuyithakasela nomhlaba wonke," kusho uJ' Something.
Emva kweminyaka emibili uJ'Something aqopha izingoma, uzoziqhulula bukhoma ngo-7 ebusuku ngoNovemba 25, lweBlack Friday, eZulu Theatre, eSibaya Casino.
UJ’Something, obuye akhiphe unyawo ngokuba ngumpheki, uthe i-albhamu ingenye yamaprojekthi asondele kakhulu enhliziyweni yakhe nokwenza enze uchungechunge ngayo ehambela izifundazwe ezihlukene.
Uyaziwa ngamava emculweni futhi useke wahlabana ngezindondo eziningi kanti ungelinye lamaciko achaphazeleka emkhakheni wezokungcebeleka ngenxa yemigomo yokulwa necorona.