UZOFIHLWA ngoMgqibelo KwaDweshula, ePort Shepstone, umculi kamaskandi, uGawulezakhe Mbili, obedume ngelikaSphuzo Sabantwana.
Imenenja yakhe uSakhile Cele ikhuluma neSolezwe, iveze ukuthi umndeni usuhlangane waphuma nokuthi lo mculi afihlwe ngayo le mpelasonto.
Lo mculi udlule emhlabeni ngoLwesithathu ngemuva kokushaywa isifo sohlangothi ekuseni ngoLwesibili, kwamenela ntambama.
USakhile uthe ngosuku lomngcwabo bazolandela yonke imigomo ethinta igciwane iCovid-19, uma sekufihlwa uSphuzo.
“Umndeni ududuzeke kakhulu imiyalezo ebilokhu uyithola ngemuva kokwehla kwaleli lifu elimnyama. Kusizume kakhulu ukudlula emhlabeni kukaSphuzo njengoba ebengaguli, uvuke nje ekuseni washaywa isifo sohlangothi ntambama kwase kumenela njalo,“ kusho uSakhile.
USphuzo uzakhele igama ezinkundleni zokuxhumana la bebemqopha khona ama-video ecula, agcine eseqoshwa waze wakhipha izingoma okukhona kuzo ethi, Guava Juice.
Osaziwayo, okukhona kubo uSjava, badlulise amazwi enduduzo kuvela izindaba zokudlula emhlabeni kukaSphuzo.
Ngisho uSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, uMnyango wezamaCiko namaSiko KwaZulu Natal, nawo udlulise amazwi enduduzo emndenini kaSphuzo.
USphuzo udlula nje emhlabeni, ubesanda kuvulelwa umuzi awakhelwa osopolitiki nosomabhizinisi abahlukene.