UZOFIHLWA kubo eMnambithi ngoMgqibelo umlingisi wakuleli uMenzi Ngubane(56), odlule emhlabeni ngoMgqibelo ngemuva kokushaywa isifo sohlangothi.
UMenzi ushonele khona eMnambithi ngemuva kokugula isikhathi eside ehlushwa isifo sikashukela nezinso.
Okhulumela umndeni wakwaNgubane uNaomi Mokhele, uveze ukuthi zonke izinhlelo zokufihla lo mlingisi seziphothuliwe.
“Konke kuzokwenzelwa ekhaya kubo eMnambithi, imigomo yeCovid-19 siyokwenza konke okusemandleni ukuthi iyalandelwa yize uMenzi bekungumuntu wabantu, okunye okuthinta ukufihlwa kwakhe kuzophela usuku lwakusasa (namhlanje) sekuphelile bese sikubikela abezindaba. Umndeni nje engingakugcizelela ukuthi uyabonga kakhulu ngemiyalezo olokhu uyitholile selokhu kudlule uMenzi emhlabeni,“ kuchaza uNaomi.
Ukudlula kukaMenzi kuthinte abantu abaningi kuleli kusukela kubalandeli bakhe, osaziwayo emculweni kwezokulingisa ngisho nosopolitiki.
UMenzi ubonakale emidlalweni eminingi okukhona kuyo othi Kwakhala Nyonini, Ubambo Lwami, Generations, Isibaya neminye.
Udlule emhlabeni esanda kuphunyukwa iqatha emlonyeni lokuyolingisa emdlalweni iThe Queen, la engabange esaqala khona ukuqopha njengoba avinjwa yikho ukugula.
Abashadile bakwaFerguson uShona noConnie, badlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe bemchaza njengeciko ebelizimisela emsebenzini futhi konke likwenza ngokuzikhandla.
Bathe bebekubheke ngabomvu ukuthi uMenzi alulame kahle bese bephinde besebenza naye.
Nozakwabo emdlalweni Isibaya badlulisele amazwi enduduzo bathi bekuyinjabulo yodwa ukusebenza naye.
Izolo kuphinde kwavela izindaba ezibuhlungu zokushona kukayise kaMenzi Ngubane obeneminyaka engu-90.
Khonamanjalo akucaci ukuthi uzofihlwa nini umlingisi womdlalo iTsha Tsha, uNoxee Maqashalala (44).
UNoxee utholakale eshonile efulethini lakhe eHoneydew, eGoli ngoMgqibelo.
Amaphoyisa aveze ukuthi bese kunesikhathi lo mlingisi eshonile yize isidumbu sakhe sitholakale ngempelasonto.
Aphinde aveza ukuthi akukho akusolayo ngokushona kwakhe.