LUSEZITHEBENI zamaphoyisa udaba lomfundi waseZakhe High School, KwaMashu, owatholwa 'ezilengisile' esehlweni esenzeka mhla ka-28 Febhuwari 28 ebuya esikoleni.
Ngemuva kokungcwatshwa kuka-Amahle Langa (15) ngempelasonto, kuvumbuke izinkulumo eziningi ezishayisanayo nalokho okushiwo umndeni wakhe. Abaningi, okubalwa nabasesikoleni abefunda kuso nomakhelwane, bamangele sebezwa emuva kwendaba ukuthi u-Amahle ufihlwe ngoMgqibelo. Kodwa umndeni uthi bayikhaya eliswele, ngakho ukumfihla bakwenze ngalokho okuncane abebenakho.
U-Amahle owaKwa-M KwaMashu, lapho ebehlala khona noninakhulu nezinye izihlobo. Umthombo okhulume neSolezwe uthe lo mfundi ushiye incwadi ebinezigaba ezimbili - kwesinye encoma indlela enhle uninakhulu amkhulise ngayo, kwesinye eveza indlela abengaphathekile kahle ngayo ezandleni zezihlobo ezithile.
Kuthiwa abangani bale ntombazane yibona ababhoboze ithumba ngokuholele ekutheni ithathe isinqumo sokuzibulala. Kuvele nokukhuluma okuthi ingane ibisizithwele.
Ukhuluma neSolezwe, umthombo uveze ukuthi kuthiwa ingane ibikhala ngokuhlukumezeka kwayo. Kuvela ukuthi unina akahlali ekhaya kodwa ukhona eThekwini.
“Ngisho esikoleni sakhe abatshelwanga ukuthi ingane ifihlwa nini. Okunye okwenzekile ukuthi ngalo usuku lokufihla ingane babetshele nomakhelwane ukuthi ngeke ifihlwe kule mpelasonto esisuka kuyo, bebengafuni kwaziwe," kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe: "Isiphethe kabi indaba yengane, sifuna ubulungiswa ngalesi sigameko, uNgqogqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi nezeNhlalakahle akangenelele, kanjalo namaphoyisa sifuna nawo aphenye kabanzi ngale ndaba.”
Kuvele nokuthi omunye womakhelwane owafika kuqala ngesikhathi kuzwakala isidumo wakwazi ukuyishutha incwadi ingane eyayibhalile. Yilo makhelwane othi manje sekuvezwa isigaba sencwadi esisodwa kuphela esibonga uninakhulu. Ayisekho ingxenye lapho ibalise ngenhlalo engeyinhle yokunukubezwa ngokocansi.
Ethintwa uNkk Cynthia Zide, onguninakhulu kamufi abehlala naye, uthe ziyamthusa izindaba esezishiwo ngokuhlukumezeka kwengane.
Uthe ngokubona kwakhe ingane ithathe isinqumo esinjenganalesi ngoba unina uke wafika ngoDisemba efuna ukuhamba nayo kanti ayithandi yona.
“Amanga abantu lawa ashiwoyo, incwadi ikhona impela kodwa akukho lapho iveza khona ukuthi umntwana ubehlukunyezwa. Into ebiyenzeka ubethethiswa njengezinye izingane ekhaya. Nami bengihlala ngimthusa ngokuthi uma eseqalile ukulala nabafana ngiyombona, ubehlala egeza phambi kwami futhi ngingaboni lutho olubi,” kusho yena.
UNkk Zide uthe ukube bekukhona ukukhulelwa kwengane okukhulunywa ngakho, odokotela basemakhazeni bebezokuveza.
Uthe ekhaya baphila ngempesheni, ngakho isimo besisibi bezama izindlela zokufihla umzukulu wabo benomyeni wakhe.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba eNtuzuma, likuqinisekisile ukuthi kukhona udaba oluphenywayo ngokuzilengisa kwale ntombazane.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, uthe kuphenywa isigameko sokuzibulala kwale ntombazane eneminyaka engu-15, yatholakala izihengile.
Okwamanje uthe baphenya isizathu esaholela kulokhu.