ABAWUVALI abantu umlomo uZodwa Wabantu eziqhasabula ngemoto yomacaphunakusale.
UZodwa Wabantu usematheni kwabaningi selokhu efake isithombe seLamborghini ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu belokhu bembongele njalo. Lolu nyanyavu lwemoto entsha ceke ushuthe naye ekwelinye lamagaraji ezimoto eGoli.
UZodwa Wabantu akazange asho okuningi kodwa kule video yakhe uzwakala ethi ’makunyiwe’ nokuyinto akhonze ukuyisho njalo uma enze into azigqajayo ngayo.
UZodwa Wabantu uvela nale moto nje abantu bebesamshayela ihlombe ngobuhlakani bakhe. Emuva kokuvalwa kwemicimbi ebimngenisela imali wabona ithuba lokuqala ibhizinisi ebelibukeka lilincane futhi lingeke limenzele inzuzo etheni. UZodwa Wabantu usedume ngokudayisa amaqanda muva nje, lama qanda akakhethi zindawo kodwa uwadayisa kuwona wonke amalokishi namadolobha ngisho basemgwaqweni uqobo.
Abantu balokhu bembongele njalo okubalwa ngisho osaziwayo. Kulezi zinsuku uZodwa Wabantu ubukeka ematasa kakhulu njengoba esengene naseqenjini likaSushi King, uKenny Kunene wePatriotic Alliance. Okwamanje akukho okutheni abasakuveza noma abakudalulayo laba bobabili mayelana nokungena kukaZodwa Wabantu kuleli qembu.