INTOKAZI yaseNquthu, uZandie Khumalo, iveze ukuthi akuwona wonke umuntu wesilisa ongenalo uthando nodlala ngalo uma elutholile.
Ukusho lokhu engomeni yakhe entsha yothando ethi Onjengawe, nathi izophuma ngoLwesihlanu oluzayo. Uthe iyothi iphuma ibe isitholakala kuzona zonke izindawo ezidayisa umculo ngendlela yesimanje.
“Le ngoma ngiyibhale ngenxa yamadoda alungile enza konke kahle uma kuziwa othandweni. Ngiwumuntu oluthandayo uthando futhi ezingomeni zami ngihlale ngenza isiqiniseko sokuthi angilushalazeli. Kule ngoma ngibheke izindlela ezindala zokukhombisa uthando, oluvela kubantu besilisa belukhombisa abesifazane. Kuyona ngithi nje ’Ngiyabonga ngokuthi ukhethe mina, ngiyabonga ngokungithanda’. Le ngoma ihambisana nesigqi somculo wase-Afrika,” kuchaza uZandie.
Uthe abantu abaningi banemibono ehlukene ngobubi obenziwa abantu besilisa baze babizwe ngodoti.
“Ngale ngoma ngikhumbuza abathandi bomculo ukuthi amadoda aqotho asekhona la ngaphandle futhi basengawathola. Uyazi la ngaphandle kusenamadoda athanda imindeni yawo, anakekela abantu athandana nabo aphinde anakekele nezingane zawo. Ngakho ngizobuyisa ithemba ngale ngoma,“ kuchaza yena.
UZandie udalule ukuthi useyishuthile ivideo yengoma, kuyona nokuzogqama imvelo nobuhle bayo yonke into emhlabeni.
“Ngiyathemba ukuthi abadala nabancane bazoyijabulela le ngoma. Kubona bonke abajabule othandweni nabalinyazwe uthando ezinhliziyweni zabo ngiyafisa ukuthi balalele le ngoma futhi bayoba nomuzwa ohlukile ngabesilisa. Ngiyakhuthaza nje ukuthi abantu bangalilahli ithemba uma kuziwa kwezothando,” kuchaza uZandie.
Kule ngoma uthe usebenze nabantu okubalwa kubo uMojalefa Mjakes Thebe noMondli Ngcobo.